OWAYENGUMDLALI we-Orlando Pirates, uTyren Arendse, unxusa abalandeli beKaizer Chiefs ukuba babekezelele, umkhaya wakhe u-Ashley Du Preez osaphikwa yizinto eNaturena.
UDu Preez uthengwe yiChiefs ngezigidi kwiStellenbosch engomunye wabagadli abesatshwayo kwiDStv Premiership. Abalandeli beChiefs yibona abafake ingcindezi kubaphathi ukuze kuthengwe lo mdlali waseKapa. Selokhu efikile eNaturena, uDu Preez ziyamphika izinto. Emidlalweni engu-10 yeligi usashaye amagoli amabili kuphela. Ukuhlulwa ngamathuba abukeka elula emidlalweni ehlukene sekumakhele isigcwagcwa kubalandeli beChiefs.
U-Arendse owazakhela igama edlala kwiSantos yaseKapa ngaphambi kokuthengwa yiPirates ngo-2004, wafudukela eGauteng, ufongqele isigqoko umkhaya wakhe kubalandeli.
"Akulula uma ungumdlali usuka eqenjini elincane njengeStellenbosch uyodlalela iKaizer Chiefs. Usuka eqenjini okade ugqamile kulona, ujoyina iqembu elinabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu futhi sekufanele ushaye into ecokeme kuyona yonke imidlalo. Abalandeli bafuna lokho. Mina okwangisiza wukuthi ngesikhathi ngifika kwiPirates ngashaya amagoli ayisihlanu emidlalweni eyisihlanu yokuqala. Lokhu kwangehlisela ingcindezi.
“Isimo abhekene naso uDu Preez asilula. Okunye okwenza izinto zibenzima kuyena wukuthi iqembu lonke alenzi kahle. Kodwa ngicela abalandeli beChiefs bamubekezelele uDu Preez. Uzongena egiyeni. Uma esezinze kahle, wabuyelwa wukuzethemba, izobonakala imiphumela," kusho u-Arendse owadlala nakwiMamelodi Sundowns.
Ukuhluleka ukwenza obekulindelekile kukaDu Preez kufakazela ukhondolo lokushaya into ephansi kwabadlali baseKapa uma befudukela eGauteng. Lokhu sekwenzeke kubadlali abaningi eminyakeni edlule okugcina sekugxekwa ngakho ubukhazikhazi nokushesha kwempilo yaseGoli.
"Le nto ifuna ube nabantu abakwesekayo uma ufika eGoli. Kungaba wumndeni noma yizihlobo zakho ngoba lukhulu ushintsho obhekana nalo. Ukuqala impilo entsha uwedwa phakathi kwabantu ongabazi akulula. Ikhona le nto yokuthi abadlali baseKapa bayehluleka eGoli futhi iyenzeka. UDu Preez kufanele aqhubeke nokusebenza kanzima," kusho u-Arendse.
Ngesonto eledlule, iChiefs iqalile ukuziqeqesha ilungela ukuqhubeka nemidlalo yePremiership emuva komqhudelwano weNdebe yoMhlaba. Izovakashela iLamontville Golden Arrows ngoDisemba 31, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Umqeqeshi weChiefs, u-Arthur Zwane, usemvikele kaningi uDu Preez selokhu efikile kuMakhosi.
“Lona ngumdlalo wamaphutha, naye zizomlungela izinto, angikungabazi lokho. Ngelinye ilanga uzoshaya amagoli amabili noma amathathu abantu bajabule. Kuyingxenye yomdlalo (ukugeja) okumele sikuqonde ukuthi amathuba awatholayo ingoba uyakwazi ukuba sendaweni efanele. Ngebhadi akakawasebenzisi. Ngokuhamba kwesikhathi, uzowasebenzisa sijabule sonke. Sizoyilungisa indlela aqedela ngayo amathuba ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uZwane kwabezindaba ngemuva kokudlala owomkhaya nePirates kwiligi.