Umdlali wasesiswini kwiMamelodi Sundowns, uMarcelo Allende, usephefumule ngokuphoxeka kwakhe ngokuphuthwa ngezinye izindebe kweqembu lakhe ngesizini edlule okubalwa kuzo iMTN 8, iNedbank Cup neCaf Champions League.
U-Allende (25), odabuka eChile, yisizini yesithathu le eseqenjini leSundowns alijoyine ngesizini ka-2022/23, wanqoba nalo izicoco ezimbili zeligi yeDStv Premiership (esiyiBetway Premiership), nese-African Football League (AFL) ngesizini edlule.
Lesi siyisikhwishikhwishi somdlali wasesiswini esimandla ekushosheleni phambili, sigcizelele ukuthi ukunqoba izindebe ezinkulu njengeChampions League yikhona obekulabaluleke kakhulu.
ISundowns izobhekana nePolokwane City emdlalweni wama-quarterfinal eMNT 8, eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngeSonto ngo-3 ntambama.
“Ngincamela indebe, yiyona nto ebaluleke kakhulu. Ukunqoba iNedbank Cup, iMTN 8 neChampions League. Ngakho-ke inselelo enginayo kule sizini wukuthi ngigxile kulokho, okuwukulwela ukunqoba izindebe engingazinqobanga neqembu lami ngesizini edlule,” kusho u-Allende.
Nakuba u-Allende ekhathule indima ebonakalayo ekunqobeni kwamaSandawana isicoco sePremiership okwehlandla lesikhombisa amasizini elandelana ngesizini edlue, kodwa akaqokwanga nakowodwa umklomelo ekupheleni kwesizini kumaPSL Awards.
Ebuzwa ngokungaqokwa kwakhe, u-Allende uziduduze ngokuthi yena ubeka phambili impumelelo yeqembu kunokubeka ukuhlonishwa yena ngayedwana.
“Ukuhlonishwa komuntu ngamunye kimina yinto engasho lutho nhlobo. Ngijabule lapha (kwiSundowns) ngoba ngidlala imidlalo eminingi. Uma abadlali bedlala imidlalo eminingi, bayathuthuka. Futhi yikho lokho engikufunayo kule esizini - ukudlala,” kuqhuba u-Allende.
Yize indawo ayidlalayo kuyindawo embeka ethubeni elihle ekushayeni amagoli, kodwa u-Allende uphumelele ukushaya amagoli amathathu kuphela emidlalweni engu-38 ayidlalile kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini edlule, okubalwa neyeChampions League ne-AFL.
Uyavuma ukuthi kumfanele ukugxekwa ngokungashayi amagoli ngokwanele, wathembisa ukwenza kangcono.
“Yebo, wonke umdlali unezinselelo ezahlukene. Ngicabanga ukuthi manje ngizoshaya amagoli mina, ngakhe namanye amaningi.”