UNOZINTI weMoroka Swallows, uDaniel Akpeyi, uthe bakulungele ukubhekana neKaizer Chiefs engaphansi kwengcindezi yokunqoba noma yimuphi umdlalo ewudlalayo.
ISwallows izotholana phezulu neChiefs emdlalweni weDStv Premiership, ngeSonto ngo-3.30 ntambama, eDobsonville, eSoweto.
ISwallows isayiqale kahle isizini njengoba isendaweni yesihlanu kwi-log yePremiership, iChiefs ibhinjelwa yizinto selokhu kuqale le sizini njengoba isishaywe amahlandla ayisithupha emidlalweni yeligi engu-12 esiyidlalile, nokuyibeka endaweni yeshumi kwi-log.
IChiefs iza kulo mdlalo nje isazikhotha amanxeba ngemuva kokuguqiswa yizimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates kowomkhaya baseSoweto emasontweni amabili.
“Kuzoba ngomunye wemidlalo enzima ngenxa yokuthi iChiefs idonsa kanzima njengamanje ekutholeni imiphumela, okusho ukuthi yonke imidlalo kubona ifana neyamanqamu.
Ngakho njengeqembu leSwallows simagange ukubhekana neChiefs, enengcindezi enkulu cishe ukwedlula thina ukunqoba lo mdlalo wangeSonto ongomunye umdlalo womkhaya (baseSoweto) engazimisele ngokuhlulwa kuwona,” kusho u-Akpeyi.
Lo nozinti ojoyine iZinyoni ngoJanuwari esuka kwiChiefs adlale kuyona amasizini amane, uphinde wakucacisa ukuthi akananxa neqembu lakhe elidala, Amakhosi.
“Kimina ukubhekana neChiefs, kuyafana nokubhekana nanoma yiliphi iqembu. Kuyafana nokubhekana neChippa (United) noma iPolokwane (City), anginanxa nayo, okubalulekile kimina ukudlala ngendlela engiyijwayele, ngaphandle kokuzifakela ingcindezi engenasidingo uma ngibhekene neqembu lami elidala,” kuqhuba u-Akpeyi osefike walenza elakhe ijezi kwiZinyoni zaseDube.
Ngaphandle kuka-Akpeyi oseke wabhekana neqembu lakhe elidala iChiefs, umqeqeshi weZinyoni uSteve Komphela, kuzoba kungokokuqala ebhekana neqembu lakhe elidala iChiefs njengenhloko yomqeqeshi, yize eseke wabhekana nalo amahlandla amaningana esekwiMamelodi Sundowns kula masizini ambalwa edlule engumqeqeshi obesebenza ngokubambisana nabanye.
Ngakolunye uhlangothi lona kuzobe kungumdlalo wesine kaCavin Johnson ehlezi ebhentshini laMakhosi njengebamba mqeqeshi ngemuva kokukhonjwa indlela kukaMolefi Ntseki.