Unozinti weMoroka Swallows, uDaniel Akpeyi, ululeka abadlali abasebancane kuleli ngokuthi bathole isifundo ngokwenzeka eqenjini labo.
Ubengomunye wabebehambele umcimbi wokwethulwa ngokusemthethweni kohlelo, iPlayer Transition Programme okuhloswe ngalo ukuthuthukisa abadlali ngezemfundo.
Lwenziwa iPremier Soccer League (PSL) ngokuhlanganyela neMultiChoice nesikhungo sezemfundo iGordon Insitute of Business Science (Gibs).
Isimo sibi phakathi kwabadlali beZinyoni nabanikazi baleli qembu. Ngasekupheleni konyaka odlule ubuholi baleli qembu buphoqeleke ukubhalela iPSL buyichazela ukuthi ngeke iqembu liphumelele emdlalweni weMamelodi Sundowns nakoweLamontville Golden Arrows, okuyimidlalo yeDStv Premiership.
Abadlali badube umsebenzi ngoba bekhala ngokuthi abaholelwanga ngaphambi kukaKhisimusi.
Ngeledlule leli qembu ligwetshwe yiPSL, u-R1 million okulengiswe kuwo u-R600 000 izinyanga eziwu-24 ngombandela wokungatholakali necala elifanayo.
Liphinde lagingqelwa, amaphuzu amathathu namagoli amathathu, kwanikezwa iSundowns ne-Arrows.
U-Akpeyi odabuka eNigeria, uthe uhlelo lwePlayer Transition Programme lufike ngesikhathi esifanele.
"Akobe abadlali abancane bayabona ukuthi imfundo ibaluleke kanjani. Okwenzeka kwiSwallows kumele kube isifundo. Ibhola into yesikhashana, kwesinye isikhathi uliyeka ungakathandi ngenxa yezizathu ezehlukene. Uma uhlome ngemfundo impilo iqhubeka kalula. Ngethemba ukuthi zifunde lukhulu nezikhulu zeSwallows ngalokhu okwenzekayo," ,“ kusho u-Akpeyi.
Uveze ukuthi seziqalile izinhlelo zokulungisa isimo eqenjini lakhe.
"Ngokolwazi enginalo siyalungiswa isimo ukuze sibuyele maduze ejimini ukuyolungiselela ukubuya kwesizini. Kubuhlungu ukuthi sehlelwe yilesi simo nginganakile. Kumele ngenze isiqiniseko sokuthi asingibuyiseli emuva. Mina ngisafuna ukudlala. Mhlawumbe kuye kwangiqinisa ukuthi phambilini ngike ngaba nenkinga yemali ngenxa yokungabi namsebenzi.“
Ngesikhathi kuqalwa uhlelo lwePlayer Transition Programme nyakenye, lwaluvuleleke kubadlali bezinga eliphezulu abaneminyaka ewu-28 kuya ku-35.
Kulo nyaka zimbiwe insele njengoba kuvumeleke nabasebancane abasuka kumaligi angaphansi. Luqala kuyo le nyanga, luzophela ngoJuni.
USihlalo wePSL, uDkt Irvin Khoza, ulushayele ihlombe lolu hlelo.
"Ngalolu hlelo lwePlayer Transition Programme sihlose ukulungiselela abadlali bethu ngempilo noma bengasadlali. Kulokhu selule isandla ngisho nakubadlali abasebancane. Lolu hlelo luqinisekisa ukuthi iPSL neMultiChoice bahlale belwela impilo engcono kwizakhamuzi zakuleli," kubeka uKhoza esitatimendeni esithunyelwe.
IGibs izofundisa abadlali ngohlelo lwe-online. Bazofundiswa izifundo ezine okuyiBusiness Fundamentals, Information Technology (IT), Financial Management nezobuaholi (Leadership). Abayingxenye yalolu hlelo bazothola ithuba lokwandisa ngezinye izifundo ezimbili bekhetha phakathi kweCoaching Education, Project Management, Facility Management, Business Innovation, Media Officers, Social Entrepreneurship, Merchandise Management neze-Event Management.