UMENGAMELI waMaZulu FC, uSandile Zungu, useqalile ukugadla kwi-Orlando Pirates abazobhekana nayo kowamanqamu weMTN8 ngenyanga ezayo.
Usuthu lugudluze iKaizer Chiefs emdlalweni oyimilenze emibili owandulela owamanqamu. La maqembu abambana ngo-1-1 eFNB Stadium, emlenzeni wokuqala, kwathi ngeSonto eMoses Mabhida Stadium, aqeda umdlalo kuwu-0-0, okuwumphumela oweze ezikaZungu njengoba zashaya igoli lasehambeni eGoli.
Sekuzocaca umanqoba phakathi kwazo neZimnyama kowamanqamu ozoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoNovemba 5. IPirates izibekisele indawo ngemuva kokugandaya iMamelodi Sundowns ePolokwane, eyixebule ngo-3-0 ngemuva kokuthi umlenze wokuqala wawuphele ngo-0-0.
UZungu ekhuluma ngemuva komdlalo, uthe kuye ngamagama enkehli bedlulela kowamanqamu weMTN8.
"Sasishilo, kwathiwa sesiyizangoma na, ngathi cha. Uma ngibona indlela abafana abazimisele ngayo nendlela abaqeqeshi abafuna ngayo ukuyodlala owamanqamu, ngathi ngiwubani ke mina ukungabethembi.
“Sibanike zonke izinto eziyizimfanelo ukuze bezoziqeqesha kahle. Nakuba besifuna impela ukuwahlohla amagoli noma amathathu kodwa kuyacaca ukuthi bebezimisele kakhulu. Ngakho ukudlala ngokulingana bese sidlulela phambili, kuyasanelisa," kusho uZungu.
Kuzobe kungokokuqala AmaZulu edlala owamanqamu weMTN8. Owokuqala owamanqamu ngaphansi kobuholi bakwaZungu othathe izintambo ngo-2020.
Usuthu lwagcina ukufinyekelela kowamanqamu ngo-2010 koweNedbank Cup, lwakhala ngaphansi kwiBidvest Wits ngo-3-0 ngesikhathi kuvulwa inkundla iFNB Stadium, ngaphambi komqhudelwano weNdebe yoMhlaba.
"Lona owamanqamu wokuqala woSuthu kusukela ngo-2010, ngakho emuva kweminyaka engu-12 sizodlala owamanqamu. Kufanele sikujabulele nje lokho kukodwa. Ngakho ngoNovemba 5, uzofika. Ngiyabacela nje abafana bakaMagebhula ukuthi baqale kumanje badle ngoba ngalolo suku ngeke badle. Bayojabha kakhulu," kusho uZungu.
Uqhube wathi ukuwina koSuthu iMTN8 kungaba yingqophamlando.
"Kubaluleke kakhulu ukuthi sifinyelele kowamanqamu kulo nyaka. Ngonyaka wokukhothama kweNgonyama uZwelithini, uMdlokombane, siphethe endaweni yesibili sadlala e-Afrika okokuqala ngqa. Iyobhalwa imibhalo engcwele ukuthi ngonyaka wokubekwa kweSilo uMisuzulu esihlalweni sobukhosi, AmaZulu achonywa uphaphe lwegwalagwala, aba yizingqwele. Ngomhlaka 5, kuyobhalwa kabusha izincwadi ezingcwele," kusho uZungu.
Nakuba zingekho izinqumo ezikhalisayo zikanompempe ezigqamile emdlalweni woSuthu neChiefs kodwa uZungu uvumile ukuthi ubenayo ingebhe.
"Benginalo impela uvalo, angifuni ukuqamba amanga. Benginovalo ngendlela eyisimangaliso ngoba uma ubheka le midlalo emithathu ebalulekile edlule, sidlala neKaizer Chiefs kowomlenze wokuqala eGoli, angigculisekanga nhlobo. Aze akhiphe uZulu (Veluyeke) ethola ikhadi eliphuzi kungafanele ngabe ulitholile. Uyamkhipha nje ngelesibili, umfana akasagxilile emdlalweni. Angikuphathi ke okunye ukukhishwa kwamakhadi abomvu ubuthaphuthaphu ekhishelwa thina," kukhala uZungu.
"Okwesibili; lo mdlalo esiwudlale neMaritzburg United ngesonto eledlule, kukhona izinqumo ezithize ezingangijabulisanga. Bese kuba yilona wePirates esawudlala e-Orlando Stadium esabanjwa inkunzi kuwona umgangela, kwaphikwa igoli lethu sanganikwa nephenathi. Angiyazi into enjengaleya.
“Uma manje sekuthiwa sesizodlala neqembu elikhulu kangaka nelihlonishwa kangaka (Chiefs), sazibuza ukuthi laba onompempe bazokwazi yini ukumelana nesithunzi salo mdlalo, bawuphathe ngobulungiswa? Angijabule kahle hle kodwa sidlulele phambili, asikuthokozele lokho," kusho uZungu.