UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uqinisekise amahlebezi okuthi uPercy Tau, oyisithenjwa saleli qembu lesizwe, ngeke abe ingxenye yemidlalo emibili yobugani ne-Eswatini ne-Ivory Coast ngokwahlukana.
IBafana izozwana amandla nomakhelwane (Eswatini) ngoLwesihlanu, e-FNB Stadium, eGoli, ngaphambi kokubhekana ne-Ivory Coast ekuhambeni ngoLwesibili oluzayo.
UBroos obenesithangami nabezindaba izolo ntambama eGoli, lapho ikhempu yakhe yezinsuku eziyisishiyagalolunye ebiqala khona, akazange ande ngamaningi kepha uqinisekise ukuthi isikhala sikaTau sizovalwa nguMduduzi Mdantsane weKaizer Chiefs.
Yize engazange anabe lo mqeqeshi waseBelgium, abazazi kangcono ezeBafana, bathi uTau ucele ukuhoxa ngenxa yezinkinga eziqondene naye okufanele abhekane nazo yena uqobo.
Akekho nokho ethimbeni labezindaba leSouth African Football Association (Safa), esiye koloba esegeqe amagula ngemininingwane yokuhoxa kwalo mdlali osethimbeni lokaputeni beBafana.
UTau ungomunye wabadlali beBafana abayiqale kahle isizini entsha okufakazelwa ukuthi useshayele iqembu lakhe lase-Egypt, i-Al Ahly amagoli amane emidlalweni emibili edlule.
Ngale midlalo yobungani yeBafana, uBroos ufuna ukubacija okokugcina abafana bakhe ngaphambi kokuqala kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, abazoyigijima neBenin ekhaya naseRwanda ekuhambeni ngenyanga ezayo.
“UMduduzi Mdantsane weChiefs uyena ozovala isikhala sikaTau,” kushaya uBroos ngamafuphi.
Abezimisele ngokunaba ngakho uBroos, ithuba elivulekela abanye uma kukhona abahoxayo esikwatini.
“Ngijabule nangokuthi uSibisi (Nkosinathi) akalimele kepha kube ukushayeka nje ekhanda kowamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo.
“Ikhona nokho inkingana yize incane, ngoGrant (Kekana) kodwa uyathembisa,” kuqhuba uBroos.
“Akumnandi uma abadlali behoxa kumbe belimala kodwa futhi lokhu kuvula elinye ithuba lokubabonela eduze laba badlali esingajwayele ukusebenza nabo nabo,” kusho uBroos.
Abadlali abangayijwayele iBafana kodwa okungase kube ibona laba uBroos akhuluma ngabo, eqhulwini kugqame, uNjabulo Blom, owenza kahle kwiSt Loius City yase-United States of America (USA), Paseka Mako, we-Orlando Pirates noSibongiseni Mthethwa, obekunguyena yedwa umdlali weChiefs kulesi sikwati ngaphambi kokuthi sichibiyelwe ngoMdantsane.