UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, usivale ngoPaseka Mako isikhala sikakaputeni we-Orlando Pirates, oshiywe ngaphandle ngenxa yokulimala.
UBroos umemezele isikwati sabadlali abangu-23 esizoboshelwa emidlalweni yobungani emibili ne-Swatini ngo-Okthoba 13, ne-Ivory Coast ngo-Okthoba 17.
IBafana izicijela imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezokuba ngoNovemba 13, eBenin, naseRwanda ngoNovemba 20.
NgoJanuwari izodlala umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Ivory Coast. Kubadlali abaqokwe nguBroos, kugqame igama likaMako wePirates oqalayo ukubizelwa kwiBafana.
UMako ubengekho esikwatini okuphundlwe kusona sabangu-32 esiqokwe emasontweni adlule.
Ungene endaweni kazakwabo kweZimnyama, u-Innocent Maela, okuvele ukuthi ulimele.
UBroos uthe sekunesikhathi embhekile uMako oyibamba emuva kwesokunxele.
"UMako ubevele ekhona ohlwini. Sinabadlali abangu-44 noma abangu-45. Bane endaweni ngayinye. Ngokubuka imidlalo singakwazi ukushintsha uma kukhona umdlali ongcono.
UMako ubevele enathi. Bengivele ngimthanda kodwa ngicabanga ukuthi kule sizini umandla kakhulu kunedlule futhi udlala njalo kwiPirates.
“UMaela akekho okwamanje. Ulimele futhi ubengadlali emidlalweni edlule. Ngakho uMako uya ngokuba ngcono. Ungumdlali ohlaselayo, uyalufaka unyawo. Kodwa engikuthandayo wukuthi okokuqala ungumdlali wasemuva futhi lokho kubalulekile.
Anginankinga nokulimala kukaMaela. Ngicabanga ukuthi kumele simnike ithuba (uMako)," kusho uBroos.
UMako uzobanga indawo no-Aubrey Modiba weMamelodi Sundowns naye osazama ukuyenza eyakhe indawo odongeni lwasemuva kwiBafana.
Abanye abadlali abakhishiwe esikwatini ngenxa yokulimala, nguThapelo Morena noBathusi Aubaas beSundowns.
Okunye okugqame ngesikwati samanje wukubuyiswa kukaSibongiseni "Ox" Mthethwa osanda kujoyina iKaizer Chiefs noKhuliso Mudau weSundowns.
Emidlalweni yobungani edlule yeBafana eyidlale neNamibia neDemocratic Republic of Congo, uBroos usebenzise izikwati ezihlukene kuyona yomibili le midlalo. Uthe sesiphelile isikhathi salokho.
"Zizoba khona izinguquko kodwa hhayi njengoSepthemba. Abadlali abadlale koweNamibia, abaphindanga badlala. Ngakho kulokhu ngizosebenza kakhulu ngesikwati esizodlala emidlalweni yokuhlunga.
Akusesona isikhathi sokushintsha kakhulu manje. Mhlawumbe kunabadlali abazodlala imizuzu emihlanu, noma bangadlali nhlobo.
Lokho kungenzeka ngoba angisabhekile ukunika abadlali ithuba lokudlala. Bekufanele ngikwenze lokho ngoSepthemba ngoba bekunabadlali abaningi ebesibathathile ukuze sibabone.
Manje sekuphelile lokho. Sizodlala ngesikwati okungenzeka ukuthi sizodlale ngaso ezinyangeni ezizayo," kusho uBroos.
Isikwati seBafana Bafana:
Onozinti: Ronwen Williams (Mamelodi Sundowns), Veli Mothwa (AmaZulu), Ricardo Goss (SuperSport United).
Emuva: Nyiko Mobbie (Sekhukhune United), Grant Kekana (Mamelodi Sundowns), Nkosinathi Sibisi (Orlando Pirates), Maphosa Modiba (Mamelodi Sundowns), Paseka Mako (Orlando Pirates), Mothobi Mvala (Mamelodi Sundowns), Siyanda Xulu (SuperSport United), Khuliso Mudau (Mamelodi Sundowns).
Esiswini: Njabulo Blom (St Louis City, US), Teboho Mokoena (Mamelodi Sundowns), Sphephelo Sithole (CD Tondela, Portugal), Sibongiseni Mthethwa (Kaizer Chiefs).
Abagadli: Mihlali Mayambela (Aris Limassol, Cyprus), Bongokuhle Hlongwane (Minnesota United, US), Themba Zwane (Mamelodi Sundowns), Percy Tau (Al Ahly SC, Egypt), Zakhele Lepasa (Orlando Pirates), Lyle Foster (Burnley, England), Lebo Mothiba (RC Strasbourg, France), Monnapule Saleng (Orlando Pirates).