BASAFUNA ukumpheka abe yilolu hlobo abalifunayo, uKarim Kimvuidi, ongomunye wabadlali be-Orlando Pirates ebasayinise ngaphambi kokuqala kwesizini.
UJose Riveiro oqeqesha iPirates utshele abezindaba ukuthi unesiqiniseko sokuthi Kimvuidi usazothuthuka abe umdlali ongcono kakhulu njengoba esezikhombisa izimpawu ezinhle.
Lo mdlali odabuka eDemocratic Republic of Congo oneminyaka engu-21, usayine kweZimnyama ngoJulayi ephuma kuMaritzburg United. Ngaphambi kwalokho, wayedlalela iDC Motema Pembe ezweni lakhe.
Selokhu efikile kwezikaMagebhula usedlale imidlalo eyisikhombisa yeligi nemithathu yomkhumulajezi. Ujwayele ukungena eqhamuka ebhentshini.
Ngesikhathi bedlala neTS galaxy koweDStv Premiership ngoMgqibelo, ungene endaweni kaVincent Pule ngomzuzu ka-20. Uphinde wakhishwa ngoka-86, indawo yakhe yathathwa nguKatlego Otladisa. URiveiro uthe ugculisekile ngakwenzele iqembu ngesikhathi esenkundleni. IPirates inqobe ngo 1-0 we-free kick kaDeon Hotto.
“UPule ushayeke ekhanda, saphoqeleka ukuthi sifake uKarim, ofike wahlupha izitha. Ungumdlali okunzima ukumfunda,” kusho uRiveiro.
“Wonke umuntu uyakubona okwenziwa wuhlobo lwabadlali abafana noKarim, okuyinto esiyithandayo sonke njengabalandeli bebhola, into esifuna ukuyibona kaningi enkundleni. Siyazama ukumsiza ukuthi abe ngumdlali ophelele.
“Angikhulumi ngalo mdlali ngqo kodwa kulezi zinsuku ebholeni abadlali abanekhono badinga ukuba sezingeni eliphezulu kukho konke. Uma sibala izinto ezenza umdlali webhola avelele kufanele uqine kuzo zonke, hhayi ezithile kuphela. Sisazoqhubeka nokumsiza ukuthi abe ngumdlali (ophelele) ngoba uyakhombisa ukuthi angaba ngumdlali osezingeni eliphezulu. Kuzokwenzeka lokho, ngiqinisekile ngokuphelele.
“Ungumuntu othandekayo. Uhlale ezimisele futhi ezama ukuzihlanganisa neqembu, lapho ezungezwe khona abanye abadlali abanekhono. Ayikho into engingakhala ngayo. Angikhulumi ngoKarim kuphela kodwa bonke abadlali abaseqenjini. Yena ungumuntu ozithobile futhi olangazelela ukuqhubekela phambili ebholeni.”
IPirates inqobe iGalaxy yakhuphukela endaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu angu-22 emidlalweni engu-13. Isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili eqenjini eliqhwakele, iMamelodi Sundowns, esanemidlalo engu-10 kuphela.
Umdlalo wayo olandelayo kuzoba oweligi ezowudlala neLamontville Golden Arrows eMpumalanga Stadium ngoDisemba 17.
“Bekubalulekile ukuthi siqoqe amaphuzu amathathu. Kuhle ukuthi iqembu lidlala kahle liphinde lithole nemiphumela emihle. Abantu engibajabulele kakhulu ngabadlali ngoba lokhu akwenzeki ngomlingo. Balwa kakhulu futhi manje sesiyakwazi ukuvuna izithelo zalokho,” kusho uRiveiro.