ABADLALI beMamelodi Sundowns abangalijwayele ijezi baxwayiswe umqeqeshi wabo, uRhulani Mokwena, ngobumqoka bokubhukula ngoba usethathe isinqumo sokubuyela kwizethenjwa zakhe ngakho-ke ofuna isikimu kumele azibonakalise.
Yize iSundowns ingayazi induku kwiDStv Premiership kuze kube yimanje kodwa imiphumela yayo yakamuva ikhombise izimpawu zokuthi kukhona okungahambi kahle.
Lokhu kuqale ukuqapheleka imiswa kabi yiRichards Bay neCape Town Spurs ngokwahlukana muva nje kweyeligi yize igcine iwaqoqe egcwele amaphuzu kuyona yomibili le midlalo.
Kuyona mibili le midlalo bekubhekeke ukuthi izigwazele ibhece njengoba ibidlala namaqembu abalekela izembe kodwa igcine inqoba ngo 1-0 seliyoshona.
NgoLwesihlanu idinge amaphenathi ukudlulela kweyandulela eyamanqamu yeNedbank imiswe kabi i-University of Pretoria edlala kwiMotsepe Foundation Championship, umdlalo uphela zibambene ngo 1-1.
Lokhu kwenze ukuthi uMokwena aze abuzwe ukuthi kukhona yini okumhluphayo ekhempini, wakhala ngokucinana kwemidlalo.
Osekuvelile nokho ukuthi lo mqeqeshi akaneme ngabadlali abathile abangalijwayele ijezi kodwa abephoqelekile ukubasebenzisa kwazise iqembu lisayibambe emiqhudelwaneni eminingi.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba abesesithangamini nabo ngoLwesihlanu, uMokwena uphumele obala ngokungenami kwakhe ngabathile wase exwayisa laba abangalijwayele ijezi ngokuthi sekuzoba nzima ukulithola.
Ezeseka kulokhu uMokwena, uthe sesiphelile isikhathi sokuphisana ngesikimu ngoba isizini isiyabaphoqa ukuba basebenzise isikwati esingagcini ngokwazana kepha esikwaziyo okufanele kwenzeke uma isimo sesishubile.
ISundowns isekhona kwiNedbank Cup nakwiCaf Champions League kanti kwiDStv Premiership sekubalwa imidlalo ukuthi inikwe isicoco sayo sesikhombisa kulandelana.
“Uma uzoqaphela isikimu seSundowns asikaze sifane emidlalweni ngokwahlukana kwemiqhudelwano kusukela kubuywe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon),” kusho uMokwena.
“Akuyona indlela engiyikhonzile leyo kepha bekuphoqa isimo. Manje sengifuna imbumba yeqembu ngakho-ke laba abangalijwayele ijezi sekuzofanele balwe nakakhulu ukuzifaka esikimini.
“Isizini isifike lapho osekufanele khona iSundowns izibonakalise ukuthi ingobani kuyona yonke imiqhudelwano esele kuyona.
“Izinqanawe zamaqembu zakhiwa ngokuthi abadlali babe ndawonye kunzima baphinde bayizwe ndawonye nenjabulo yokuvuka kulobo bunzima.
“Uma sijabula, sijabula sonke ngakho-ke uma sihlangabezana nezihibe endleleni sizoqukulana siphinde sibheke phambili,” kusho uMokwena.
Ngempelasonto neMoroka Swallows, iSundowns izobhekisa amabombo kwelaseTunisia lapho iyodlala khona umlenze wokuqala owandulela amanqamu eChampions League ne-Esperance Sportive de Tunis.