UTHEMBA Masango, oqeqesha uThongathi FC, uthi abanye abadlali beqembu abakulungele ukudlala esigabeni seMotsepe Foundation Championship. Wathi kuzomele iqembu lenze izinguquko ezinqala zokuthola abadlali abanohlonze.
UMasango usho kanje, ngemuva kokuba ezakhe zishaywe yiPlatinum City Rovers ngo 1-0 ngoLwesibili, emdlalweni weMotsepe Foundation Championship, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
UThongathi luhlulwe yinqwaba yoqekelele bamathuba okubhakuzisa inethi, ikakhulu ngesiwombe sesibili. Ikhombise ukungahlangani kahle esiswini yize bebekhona oMenzi Chili noLerato Ntamane, abebezama ukulithunga kodwa amabhola aphelele ezitheni.
“Ngicabanga ukuthi uhlobo lwabanye abadlali esinabo kuleli qembu abakulungele ukudlala kulesi sigaba (seMotsepe Championship), ngoba ngaso sonke isikhathi sizithola senza amaphutha afanayo okungenelwa ngamagoli angenasidingo.
“Ngesonto eledlule sidlala nePretoria Callies sangenelwa yigoli elifanayo naleli elisingenele kulo mdlalo wanamuhla (ngoLwesibili), kade kuphonswa ibhola ebeliphumele ngaphandle.
“Iqembu lidinga ukuthola abadlali abasezingeni ngempela. Ngokwami akulona iqembu obekufanele lisehlule (iCity Rovers) kodwa ngendlela abadlali bethu basesiswini abadlale ngayo behlulwa ukwakha amathuba okushaya amagoli, yingakho singakwazanga ukuwunqoba umdlalo,” kukhononda uMasango.
“Nakanjani kuzofanele singene emakethe, sithole abanye abadlali uma kuvuleka elinye iwindi lokusayinisa abadlali. Kumanje sihlola uSiyabonga Vilane osaziqeqesha nathi, kanti sisalinde amaphepha kaFerdinand Nkwuda ongumgadli, noVictor Bakah odlala esiswini.”
UMasango osizana noPhilani Shange, uthathe izintambo zokuqeqesha kuSimo Dladla ngoSepthemba. Usanqobe imidlalo emibili, wehlulwa kwemibili, wadlala ngokulingana kwemibili.
Empeleni inkulumo yomqeqeshi iyamangaza ngoba iqembu laziwa ngokukhiqiza abadlali abasezingeni eliphezulu futhi abasayiniswa ubuthaphuthaphu ngamaqembu eDStv Premiership, isizini, nesizini.
I-The Cane Cutters ihlezi endaweni yesine kwi-log yeMotsepe Championship, izodlala owokugcina ngaphambi kwekhefu leNdebe yoMhlaba yeFifa, ngokubhekana neBlack Leopards ngoNovemba 6, ePrincess Magogo Stadium.
Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi weCity Rovers, uTesco Macheke uthe kubaqinisa idolo ukuthola imiphumela enjengalena ngoba izinto seziqala ukubavuna ngemuva kokungayiqali kahle isizini.
“Iqembu selikhombisa okukhulu ukuhlangana manje. Asiyiqalanga kahle neze isizini kodwa indlela esesiqala ukuhlangana ngayo isihlaba umxhwele siyithimba labaqeqeshi nabadlali uqobo. Asisayicabangi nhlobo indaba yezembe. Besiyidinga kakhulu iwini kule midlalo yokugcina esesiyidlalile, ngakho sesidinga ukulwela ukugcina umgqigqo, ikakhulu ngoba siyodlala neMagesi (namuhla),” kusho uMacheke, osizana noVincent Kobola ekuqeqesheni iqembu laseNorth West.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla ngo-3.30 ntambama:
Platinum City Rovers v Magesi FC (Bidvest Stadium); Pretoria University v Casric Stars (ABSA Tuks Stadium)
Kusasa ngo-3.30 ntambama:
Hungry Lions v TTM (Windhoek Draught Park Stadium); Black Leopards v JDR Stars (Malamulele Stadium)