UZWAKALA edlalisa iMarumo Gallants umacashelana ngomdlali wayo umqeqeshi waMaZulu FC, uRomain Floz, othele amanzi emhlane wedada ebuzwa ngemibiko ebamatanisa nenjini yeqembu laseLimpopo, uCelimpilo Ngema.
Lo mdlali oteketiswa ngelikaZizou (uZinedine Zidane okuyinsephe yaseFrance), useqhulwini kwabamataniswa nezinkunzi zaKwaZulu-Natal, Usuthu.
Kuyaziwa ukuthi uFolz uke wamcija kwiGallants kwazise uqale nayo isizini efika eNingizimu Afrika ngaphambi kokuxoshwa.
UFolz uzobe ekhuzela Usuthu ngoMgqibelo selubhekene neGallants koweDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngo-8 ebusuku.
Ebuzwa uFolz ukuthi sebehambe bafikaphi ngodaba lukaNgema kwazise nomqeqeshi weGallants, uDan Malesela, useke wacashunwa ephawula ngalolu, uvele walahla umqondo obala.
“Okwamanje uNgema ungumdlali weMarumo Gallants. Angiphawuli ngabadlali bamanye amaqembu. Akukho engingakusho ngaye kodwa yena (uMalesela) kukuye ukusho noma yini ngabadlali bakhe,” kusho uNgema.
Akusiye yedwa uNgema ongumdlali weGallants omataniswa nendlela ephumayo kuleliya qembu.
Lokho kubukeka sekunomthelela ekucindezekeni kweqembu njengoba kungenwa kule mpelasonto livale emsileni kwilog yePremiership.