UMQEQESHI waMaZulu, uRomain Folz, uthi bazobe sebekulungele ukubhekana ne-Orlando Pirates koweDStv Premiership ozodlalelwa e-Orlando Stadium ngo-7:30 kusihlwa, nakuba ebengathanda ukuthola isikhathi esithe xaxa sokusebenza nabadlali bakhe abasha.
UFolz umenyezelwe njengomqeqeshi ngeSonto, engena esikhundleni sikaBrandon Truter, wethulwa eqenjini ngesikhathi lizilolonga ngoMsombuluko ntambama. Uzosizwa ngu-Ayanda Dlamini owayengumgadli woSuthu futhi oseke waliqeqesha leli qembu phambilini.
Lo mqeqeshi, obebambe izintambo kwiMarumo Gallants ekuqaleni kwesizini, uthe okusemqoka ukuthi acobelele iqembu ngolwazi kulesi sikhathi asitholile.
“Bengingathanda ukuba nesikhathi esengeziwe kodwa iqiniso lithi kufanele ngizame ukudlulisa amaphuzu amqoka kulesi sikhathi enginaso,” kusho uFolz.
"Ukube benginosuku olulodwa nje lokulungiselela lo mdlalo, besizoyithola indlela yokuzama ukukhipha okungcono eqenjini. Bengingathanda isikhathi esiningi kunalesi kodwa kufanele ngisithokozele lesi engisitholile.”
AmaZulu agcina ukunqoba umdlalo weligi ngesikhathi eshaya iSwallows ngo-3-2 ngo-Agasti. Iphuzu lokugcina alicosha ngesikhathi ebambana neKaizer Chiefs ngo-0-0 ngenyanga edlule. Imiphumela yakamuva ishiye leli qembu lisendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu angu-11 emidlalweni eyisishiyagalolunye.
Ezimnyama zagcina ukuqoqa amaphuzu amathathu ngesikhathi ziguqisa iTS Galaxy ngo-2-0 ngenyanga edlule. Emdlalweni wazo wokugcina weligi zibambane ngo-0-0 neRichards Bay. Njengamanje iqembu likaJose Riveiro lisendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-10.
Ngaphandle komdlalo wakusihlwa nePirates, Usuthu luneminye imidlalo emibili emikhulu ngesonto elizayo njengoba luzodlala neMaritzburg United koweligi ngoLwesithathu ngaphambi kokwamukela iKaizer Chiefs emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu eMTN8 ngo-Okthoba 22.
“Iqembu lisesimeni esibi njengamanje. Uma ngingaphosisi kule midlalo emihlanu edlule yeligi lihlulwe kwemine, okuchaza ukuthi izinto azihambi kahle. Into yokuqala okumele ngiyenze ukulungisa amaphutha enzekile kule midlalo edlule,” kuqhuba uFolz.
“Mayelana nemidlalo emithathu ezayo esizoyidlala kanye nezimbangi esizobhekana nazo, kimina okubalulekile ukuthatha yonke imidlalo ngendlela efanayo.
"Kumele sihlale sikhombisa ukuzimisela noma sidlala naliphi iqembu. Yebo, amaqembu awafani, awadlali ngendlela efanayo kodwa siyakwazi okumele sikulindele eqenjini ngalinye.
“Lokho akusho ukuthi kumele ushintshe indlela owubheka ngayo umdlalo noma umqondo ongena ngawo emdlalweni. Noma ngabe udlala nePirates, iMaritzburg noma yiliphi elinye iqembu, kumele wenze konke okusemandleni. Sizozama ukuqhubeka kanjalo kuze kube sekupheleni kwesizini."
Lo mqeqeshi, odabuka eFrance, uthe akabukeli kumqeqeshi oyedwa kodwa ucosha okuthile kwabahlukene njengoCarlo Ancelotti weReal Madrid, uJurgen Klopp weLiverpool nabanye. Uthe akanayo indlela ethile athanda ukuhlela iqembu ngayo kodwa okuningi kucaciswa wuhlobo lwabadlali asuke enabo eqenjini.