ISIKHULU seSwayimane United, engomakoti kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, sithi iqembu alizelanga ukuzogcwalisa isibalo kulesi sigaba. Wathi bahlose ukufaka ukushisa ezimbangini zabo ngenjongo yokulwela ukwenyukela esigabeni esikhokhelayo seFirst Division.
ISwayimane izovula isizini yayo yokuqala ka-2023/2024 ngaphansi kwe-ABC Motsepe League, ezoqala ngasekupheleni kukaSepthemba. Iqembu likhushulelwe kulesi sigaba ngokudla umhlanganiso ngoJuni, kowamaPlay-Off esifundazwe, ngaphansi kweSafa Regional League, eDundee.
Leli qembu lingaphansi kwesifunda uMgungundlovu, liphethwe ngusihlalo uKhehlo Ngubane. I-Swayimane ikhushulelwe kulesi sigaba neDlangezwa Hellenic yaseMpangeni, eyalala isibili kowamanqamu kumaPlay-Offs, nayo yathola ingqayizivele yethuba yokwenyuselwa kwi-ABC Motsepe.
Ukukhushulelwa kweSwayimane kwiMotsepe League kusho ukwanda kwesibalo samaqembu angaphansi kwesifunda saseMgungundlovu kulesi sigaba. Kumanje asemathathu amaqembu agijima kwiMotsepe, okubalwa iMidlands Wanderers, neMkhambathi FC.
Engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto, uLethumusa Chamane oyimenenja yeSwayimane United, uthe: “Sinqume ukuligcina ithimba lethu labaqeqeshi, eliholwa nguNkosi “Mido” Nene, kanye neningi labadlali okuyibona abakhuphulele iqembu kwiMotsepe League.
“Sibe sesivula ithuba lokuzama inhlanhla kwabanye abadlali iningi labo basesigabeni seRegional League. Sabe sesiqinisa isikwati sethu ngokusayinisa abanye abadlali abanamava okudlala kwiMotsepe League.
“Phakathi kwabo ngibala umdlali wasemuva uMinenhle Ndlovu osuka kuMkhambathi FC, uMfana Chamane ongunozinti osuka eqenjini laseMpumalanga, elidlala kuMotsepe League, noSurprise Ngcobo ongumgadli esimboleke kwiMaritzburg United. Nokho, asikaqedi ukuqinisa isikwati sethu ngoba sisafuna umdlali wasemuva maphakathi nendawo, nomgadli,” kuchaza uChamane.
ISwayimane seyidlale imidlalo eminingana yokuzwana amandla namaqembu ehlukene adlala kwiMotsepe League. “Ukudlala kwethu imidlalo eminingana yokuzwana amandla namaqembu eMotsepe League, kusizile ngoba abafana bayakwazi okufanele bakulindele kulesi sigaba.
“Injongo yethu kulesi sigaba seMotsepe League wukuyolwela ukunqoba isicoco seligi, hhayi ukugcina isitifiketi sokudlala kulesi sigaba, nethimba lethu labaqeqeshi liyakwazi lokho,” kuqhuba uChamane.
UChamane uphethe ngokuthi iqembu lisezingxoxweni noMasipala waseMshwathi, ngenhloso yokuthola ukwelekelelwa ngoxhaso.