UMQEQESHI weSwayimane United, engomakoti kwi-Safa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, uthi kumhlaba umxhwele futhi kumnika inkuthazo ukuba magange nempokophelo yempumelelo kwabadlali bakhe kule sizini yabo yokuqala kulesi sigaba.
UNkosi “Mido” Nene, oqeqesha iSwayimane usho kanjena nje, ezakhe ziqale isizini entsha esigabeni seMotsepe League ngenothi eliphezulu ngokubhaxabula iNewcastle All Stars ngo 2-0 ngeSonto eledlule, e-Arbor Park Stadium, eNewcastle.
“ISwayimane izodlala umdlalo wayo wesibili we-ABC Motsepe League ngokudlalela ekhaya neRemax Address Friends, eWartburg Stadium, eMshwathi, namuhla ngo-3 ntambama.
“Ngaphambi kokuqala kwesizini ngaba nomhlangano nabaphathi beqembu nokuyilapho okwavunyelwana khona ngokuthi kuzofanele sisebenzele ukugcina iqembu likuMotsepe League, lingadliwa yizembe.
“Abadlali enginabo lapha eqenjini, ikakhulukazi yilabo esibathole kwamanye amaqembu eRegional League akule ndawo yaseMshwathi namaphethelo ngaphambi kokuqala kwesizini.
“Laba badlali bami bakubeka ngokucacile ukuthi bona bangenza okungcono kunokulwela nje ukugcina iqembu lingadliwa yizembe, njengoba bekholelwa ekutheni ithuba uma liziveza bangasilwela nesicoco seligi.
“Ngakho-ke ukuba nabadlali abanentshisekelo enje, nabalambele impumelelo nokuzakhela igama ebholeni, kuyangikhuthaza njengomqeqeshi weqembu futhi kwenza nomsebenzi wami ungabi nzima kakhulu,” kusho uNene, wasesiDlaveleni, KwaSwayimane.
“Ukunqoba umdlalo wethu wokuqala wesizini esigabeni esisha esisanda kukhushulelwa kusona, kubakhuthazile abadlali, ngakho-ke umdlalo wethu wasekhaya esiyowudlala neRemax, uza nengcindezi ikakhulukazi njengoba sizobe sidlala okokuqala phambi kwabalandeli bethu.”
Imidlalo ye-Safa KZN ABC Motsepe League:
KuStream A:
Namuhla ngo-3pm:
Njampela FC v Durban Pioneers (Prince Mangosuthu); Oyzn Academy v Muzi King Masters (Umhlathuze Sports Complex); Midlands Wanderers v Stone Breakers (Harry Gwala Stadia); Asande FC v Mkhumbane Classic (SJ Smith)
KuStream B:
Swayimane United v Remax Address Friends (Wartburg Stadium); Drakensberg FC v Chess (Kandahari Stadium); Msinga United v Umvoti FC (Mzisho Stadium)
Kusasa ngo-3pm:
KuStream A:
Hellenic v Summerfield Dynamos (Empangeni Rugby Ground)
KuStream B:
Mkhambathi FC v Titanic (Albany Sports Field); Ethekwini Coastal v Newcastle All Stars (Arbor Park Stadium).