ZAKHELE XABA
PHEZU kokuba umqeqeshi weSwallows FC, uDylan Kerr, emethemba umdlali omusha, uPentjie Zulu, kodwa ubambe umoya ngokuziphatha kwakhe ngaphandle kwenkundla.
UKerr udalule ukuthi basayinise uZulu obekade enganaqembu kulandela ukuchithwa yiSekhukhune United ngaphambi kokuqala impilo kwiDStv Premiership emuva kokuwina iligi yeGladAfrica Championship ngesizini edlule.
UZulu uzovala isikhala emuva kwesokunxele esivuleke kuhamba uThabo Matlaba osekwiRoyal AM. Emuva kwesokunxele, uKerr ugcine esedlalisa uFawaaz Basadien ongumdlali wasohlangothini kwesokunxele. Kwesokudla kuchitshiyelwa ngoDillon Solomons.
UZulu cishe kuwona wonke amaqembu adlale kuwona uhambe esexoshwa ngenxa yokuhlulwa yimpilo yakhe yangasese ehambisana namankwebevu.
"Emuva kokuhamba kukaMatlaba, emuva kwesokudla sidlalise (Mbulelo) uWambi. Udlale kahle kakhulu kodwa walimala. UFewaad noDillon Solomons badlala kahle emuva kwesokudla nakwesokunxele. Ngokuhamba kukaMatlaba silahlekelwe kodwa akuyona inkinga enkulu," kusho uKerr.
"Sisayinise uPentjie Zulu. Ngimazi kudala uPentjie kwazise benginaye kwiBlack Leopards. Ngiyalazi izinga eliphezulu alilethayo lapha eqenjini. Kade edukile isikhathi eside kule sizini kusukela eshiye kwiSekhukhune United. Manje unethuba lokudlala emuva kwesokunxele inqobo nje uma eyigcina ilungile impilo yakhe yangaphandle kwenkundla. Unethuba lokudlala amasizini amabili kuya kwamathathu,“ kusho uKerr.
Namuhla uKerr uzothola ithuba lokuziphindiselela kuMatlaba nezakhe uma Izinyoni sezigadulisana neRoyal AM koweNedbank Cup Last 16 eDobsonville Stadium, eSoweto, ngo-6 ntambama.
Ngempelasonto edlule la maqembu agijimisene koweDStv Premiership, iRoyal AM yanqoba sekuyophela umdlalo ngo-1-0 wegoli lika-Elias Pelembe.
"Kusukela kukhale impempe yokuqeda umdlalo kuze kuba siyogibela ibhanoyi, angikaze ngibabone abadlali bami bedangele kanje ngenxa yalokhu esikwenzile sisonke. Yebo, kwesinye isikhathi siyabhimba ngezinguquko esizenzayo, kwesinye sishaya khona. Uyakubona lokho uma usubheka esikwenzile sizama ukuwina umdlalo. Ngebhadi akwenzekanga kodwa engikuthandayo wukuthi abadlali baqhubekile nokulwa.“
Mayelana nomdlalo wanamuhla weNedbank Cup, uKerr uthe: "IRoyal AM isendaweni yesibili kwi-log futhi yenza kahle ngesizini yayo yokuqala (esigabeni esikhulu). Kodwa sizoya kulo mdlalo singenalo uvalo."
Imidlalo yeNedbank Cup Last 16 yangempelasonto:
Namuhla - Ngo3pm: Venda Academy v University of Pretoria (Thohoyandou Stadium).
Ngo-6pm: Swallows v Royal AM (Dobsonville Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: Sinenkani v Tshakhuma (Mthatha Stadium).
Ngo-6pm: Platinum City Rovers v SuperSport United (Olen Park).
NgeSonto - Ngo-3pm: Summerfield Dynamos v Royal Eagles (Chatsworth Stadium).
Ngo-6pm: TS Galaxy v Baroka (Mbombela Stadium).