ZAKHELE XABA
UNENHLOSO yokudlala indawo kayise owabalaxaza emndenini wakhe umdlali osemncane weSuperSport United, uLazola Maku, osezoyibamba kwiDStv Diski Challenge.
ISuperSport ibiseLondon, e-England, lapho ibambe khona eyobungani namaqembu ahlukene kwiDStv Diski Challenge UK Tour 2023.
Lolu hambo luyingxenye yomklomelo wayo wokunqoba iligi ngesizini edlule. Emdlalweni wokuvula ikhale ngaphansi ngo 6-2 kwiBristol City, kolandelile ibambane ngo 4-4 neQPR.
Amatsatsantsa abehambe ngaphandle kwezethenjwa ezine esezinyuselwe esikimini seDStv Premiership esiqeqeshwa nguGavin Hunt. Izikhala zazo zivalwe ngabadlali abasuka eqenjini lika-Under 17 eliphekwa nguTumi Ndaba.
UMaku (16) waseKhayelitsha eKapa, ngomunye walabo badlali. Ujoyine iSuperSport ngo-Ephreli esuka enkulisa yangakubo, Ubuntu Football Academy.
Ubengukaputeni weqembu lesizwe lika-Under 16 elidlale emqhudelwaneni namazwe ahlukene ePoland, ngoMashi. Beliqeqeshwa nguZipho Dlangalala osepheka iMaritzburg United.
"Ngaphambi kokuya ePoland, sidlale umdlalo wobungani neqembu lika-Under 17 leSuperSport. Ngicabanga ukuthi yilapho engenze khona kahle. Umqeqeshi uMzwakhe (Dladla) wakhuluma nami ukuthi ngizodlala lapha. Ngesikhathi ngitshelwa ukuthi ngiseqenjini eliya e-UK bengisekhaya eKapa. Ngijabule kakhulu, nomndeni wami ujabule kakhulu ngoba ngawuthembisa ukuthi ngizowenzela izinto," kusho uMaku.
Njengenqwaba yezingane eMzansi, uMaku ukhula ngaphandle kukayise futhi impilo yobukhazikhazi uyizwa ngendaba.
"Asisihle isimo ekhaya. Ngihlala nogogo, umama nabazala bami ababili. Ubaba angimazi ukuthi ukuphi. Ngifuna ukudlala indawo yakhe ekhaya ukuze kushintshe isimo. Nginomfowethu omncane engingafuni akhule njengami. Bekungelula," kusho yena.
Nakuba imuva likaMaku lingabathena amandla abanye ontanga yakhe abagcine bengene ezidakamizweni kodwa lo mdlali oyibamba kuzwakale esiswini, unamaphupho amakhulu ngekusasa lakhe.
Akayesabi impilo. Emdlalweni neBristol ngesikhathi ozakwabo bexakwa wukusebenzisa izikhwepha kwabadlali baleli qembu, yena ungene esiwombeni sesibili wadlala ngokukhululeka. Emuva komdlalo, umqeqeshi uThabo September uluncomile ushintsho uMaku angene nalo nabanye ozakwabo esiwombeni sesibili.
"Imizuzu engu-20 engiyitholile yokudlala iyinto enkulu. Ngiyakubonga lokhu abanginike khona. Bengazi ukuthi abadlali ebesibhekene nabo basebenzisa amandla ngoba bade kunathi. Ngakho ngikhumbule esakwenza ngesikhathi siyodlala ePoland, abadlali bakhona bade futhi basebenzisa amandla. Engikwenzile ngesikhathi ngingena wukuhambisa ibhola ngokushesha, ngingene esikhaleni ngoba ngigwema ukuthi bangithinte," kusho UMaku.
ISuperSport izobuyela eNingizimu Afrika kuleli sonto bese iqala amalungiselelo esizini entsha yeDiski.