Akumdikibalisi ukungabalwa njengenye yezinjini zeMamelodi Sundowns, uRivaldo Coetzee, ngoba ukuthola konke ukutuswa ngaphakathi eqenjini.
Umqeqeshi wamaBrazilians, uRhulani Mokwena, usanda kudalula ukuthi lo mdlali (27), uteketiswa ngokuthi uSystem ngaphakathi eqenjini ngenxa yokuthi nguyena ophethe ukhiye owenza lidlale ngendlela ayifunayo.
UHugo Broos opheka iBafana Bafana, uqoke abadlali abangu-10 beSundowns eqenjini lesizwe elizodlala kwi-Africa Cup of Nations ezoqala ngoMgqibelo e-Ivory Coast kodwa uCoetzee akasiyena omunye wabo.
Ebuzwa ukuthi kumphatha kanjani ukuthi abantu abaningi bakhombisa ukungamnaki, uthe akakunaki lokho.
“Angikunaki kakhulu. Ngibona sengathi abantu abaningi abakuboni engikwenzayo kodwa uma iqembu lisakhombisa ukungazisa, yilokho engikubona kusemqoka kakhulu. Abantu bayohlale benemibono ngaphandle kodwa ngigxile emibonweni ebalulekile, le ephuma ngaphakathi eqenjini. Abantu abangaphandle bangasho abafuna ukukusho,” uphawule kanje ekhasini leSundowns kwi-YouTube, ohlelweni iPitchside Podcast.
Lo mdlali odabuka edolobheni eliseNorthern Cape, iKakamas, ubhoboke ngobunzima adlula kubona ngo-2017 ngesikhathi ebuyela eNingizimu Afrika, kwi-Ajax Cape Town, sekusele kancane athathwe yiqembu laseScotland, iGlasgow Celtic.
Uveze ukuthi wayesekuqede konke naleli qembu futhi esexoxe kabanzi nomqeqeshi uBrendan Rodgers, ngaphambi kokuthi kutholakale ukuthi kukhona okungahambi kahle eqakaleni lakhe lakwesokudla, nakuba yena wayengezwa zinhlungu.
Uthe wamfikela nomcabango wokuthi aliyeke ibhola ngaphambi kokuthi athengwe yiSundowns, lapho engadlalanga isizini yonke ka-2017/18 esalulama.
“Kusenzima ukukhuluma ngakho namanje, ukuthola ithuba lokuya eqenjini elikhulu kangaka bese konke kuyabhuntsha ngomzuzu wokugcina. Ngacabanga nokuyeka konke ngemva kwalokho.
"Ngase ngiyisayinile inkontileka, ngaphinde ngaxoxa noBrendan Rodgers ocingweni. Leyo ngxoxo yangenza ngazethemba kakhulu, ngabona ukuthi nginalo nethuba lokudlulela phambili. Wangikhombisa ukuthi ngizongena eqenjini ngidlale futhi ngizoba wumdlali osemqoka kuyena nakulona.
"Namanje angazi kahle ukuthi ngadlula kanjani kuleso simo. Ngicabanga ukuthi ukufika kweSundowns kwenza izinto zabangcono."
Efika kwiSundowns wayedlala maphakathi emuva kodwa washintshwa owayengumqeqeshi uPitso Mosimane, wayodlala esiswini. UMokwena usemsebenzisa ngendlela ekhethekile lapho edlala khona emuva nasesiswini.
“Ukushintsha indawo engidlala kuyo kube yinselelo enkulu. Kwathatha isikhathi esingaphansi kwenyanga ngiziqeqesha neqembu ukuthi umqeqeshi uPitso angifake esiswini. Kwadingeka ukuthi ngishintshe indlela engangicabanga ngayo nendlela engangidlala ngayo,” uchaze kanje.
“Uma udlala emuva unesikhathi esiningi ngoba akekho oqhamuka ngemuva ezokumaka, uma uthola ibhola ubona konke okuphambi kwakho. Uma udlala enkabeni yenkundla kumele uqaphele ngoba kuyashisa lapho. Kufanele uhlale wazi ukuthi izikhala zikuphi, ozakwenu bangakuphi futhi nebhola lihamba kuphi.
“Ukudlala nabadlali abafana noHlompho Kekana noTiyani Mabunda kwasheshe kwangikhulisa ngoba bese bekwazile ukuzigcina besezingeni eliphezulu iminyaka eminingi. Omunye umdlali engangibukela kuyena ngisho ngingakafiki kwiSundowns nguMshishi (Themba Zwane). Ukuziqeqesha naye njalo akufani nokumbukela kude ngoba uyakwazi ukubona ukuthi uzimisela kanjani ngaso sonke isikhathi.
“Okunye okwangisiza ukubuka ama-video abadlali abahlukene, abadlalela amaqembu asebenzisa amaqhinga ahlukene ukuze ngibone ukuthi kufanele ngidlale kanjani. Ngesikhathi sisacijwa nguPitso besidlala nge 4-4-2, okusho ukuthi besidlala ngabadlali ababili enkabeni yenkundla. Asisadlali ngaleyo ndlela manje, okuchaza ukuthi nami sengishintshile.”
UCoetzee uke wahlushwa wukulimala ngisho eseqalile ukudlala kwiSundowns kodwa kule sizini kusamhambela kahle njengoba esedlale imidlalo engu-14 emiqhudelwaneni ehlukene ngaphandle kwezinkinga.