XOLILE MPISANE
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi uthi yize sebesesigabeni esibucayi sesizini kodwa ukuba nendathane yabadlali abasezingeni eliphezulu kwenza ubuthongo behle kalula.
AmaSandawana adle isicoco seMTN 8 ngasekuqaleni kwesizini futhi asethubeni lokwengeza ezinye izindebe ezintathu ezinyangeni ezizayo.
Ngempelasonto adlulele kowandulela owamanqamu weNedbank Cup ngokuguqisa iSummerfield Dynamos, egijima kwi-ABC Motsepe League, ngo 5-0.
Nakuba bebephumuze abadlali abathile, uMngqithi uthe bebebophele iqembu eliqinile ngoba yonke imidlalo abayidlalayo isemqoka.
“Besazi ukuthi sidlala neqembu elihleleke kakhulu, iqembu elinomqeqeshi okhaliphile uClinton Larsen futhi elinenqwaba yabadlali asebeke badlala esigabeni esiphezulu,” kusho uMngqithi.
“Ngingabala abadlali abafana no(Jabulani) Nene, (Sandile) Zuke, (Lucky) Nguzana, Lerato Manzini nabanye.
“Ngicabanga ukuthi kuhambe kahle esiwombeni sokuqala ngoba besifuna ukuthola igoli zibekwa, ukuze baphoqeleke ukuthi bahlasele, bangavali emuva.
“Sithole amagoli amabili umdlalo usanda kuqala, ngaleyo ndlela umdlalo washeshe wavuleka.
“Awukho umdlalo esiwuthatha kancane futhi ngicabanga ukuthi lokho kuyasisebenzela ngoba sifuna ukunqoba ngaso sonke isikhathi, ngisho sidlala eyobungani."
Ngaphandle kweNedbank Cup, iSundowns isazihambela yodwa esicongweni kwiDStv Premiership. UMngqithi uthe kusengenzeka babuye nesikimu esihlukile uma sebebhekene neLamontville Golden Arrows koweligi kusasa. Umdlalo ungo-3 ntambama eLoftus Versfeld.
Umdlalo uzolandelwa yi-quarterfinal yeCaf Champions League lapho bezobhekana nePetro Atletico e-Angola, emlenzeni wokuqala.
“Sisemqondweni owodwa siyiqembu ngoba siyazi ukuthi sinenqwaba yemidlalo enzima esilindile,” kusho uMngqithi.
“Kumele ngincome abaqeqeshi nabadlali uqobo ngoba alukho uvalo lokuthi uma sishintsha abadlali sizohlangabezana nezinkinga.
“Abadlali abafana noPeter (Shalulile) noThemba (Zwane) bayakuqonda ukuthi sizobhekana neGolden Arrows ngoLwesibili futhi wumdlalo okumele siwunqobe.
“Kwesinye isikhathi abantu bangathi sisebenzisa iqembu elingaqinile kodwa uma ulibhekisisa uthola kugcwele abadlali beqembu lesizwe.
"Ngenxa yemidlalo esiyidlalayo siyakwazi ukuhlanganisa iqembu elizodlala ne-Al Merrikh, siphinde sihlanganise elizodlala neSummerfield. Kungenzeka siphinde elifanyo kowe-Arrows, bese siya nelinye e-Angola."
Okunye okwenza izihlathi zivakashele izindlebe kuMngqithi nozakwabo, uRhulani Mokwena noSteve Komphela, amagalelo abadlali abangalitholanga ijezi ngasekuqaleni kwesizini ngenxa yokulimala nezinye izizathu.
"Umdlali ofana noGaston (Sirino) usefana nomdlali omusha kithina. Sijabule singabaqeqeshi ngokuthi ubuye nomfutho. Ngingasho okufanayo ngoLebo (Maboe) noGeorge (Maluleka).
“Uma sibona laba badlali belibamba ngazo zombili ithuba, kithina kuba sengathi iqembu lisayinise abanye abadlali abathathu. Lokho kuyakhuthaza ngoba laba asebedlale imidlalo eminingi babuye bakukhombise ukukhathala."
Khonamanjalo amanye amaqembu adlulele kowandulela owamanqamu weNedbank Cup kwedlalwe ngoMgqibelo, yiTshakhuma neMarumo Gallants.