ANGAZIFAKA emabhukwini omlando umqeqeshi weSpain, uLuis de la Fuente, uma iqembu lakhe linganqoba i-England kowamanqamu kuma-Euro Championship ngeSonto.
ILa Roja neThree Lions bazotholana phezulu e-Olympiastadion, eBerlin, ngo-9 ebusuku. Okwenza lo mdlalo ube ngokhethekile kakhulu kuDe La Fuente (68) wukuthi kungenzeka anqobe isicoco se-Euro esikhulu neSpain ekubeni eseke wawuthatha lo mqhudelwano neqembu lika-Under-19 nelika-Under-21.
Lo mqeqeshi akadumile kakhulu ngenxa yokuthi isikhathi esiningi usichithe esebenza nabadlali abasebancane.
Esengumdlali ngeminyaka yo-1980 wayedlala emuva emaqenjini aseSpain okukhona kuwona i-Atheltic Bilbao, Sevilla ne-Alaves. Akalidlalelanga iqembu lesizwe.
Waqala ukuqeqesha emazingeni aphansi eSpain ngo-1997, waphinde wasebenza nasezinkulisa zamaqembu adlala kuwona, iSevilla neBilbao.
Ngo-2011 waqashwa yi-Alaves wayoqeqesha iqembu layo elikhulu ngesikhathi lisadlala esigabeni sesibili eSpain, nokho waxoshwa kusaphele izinyanga ezintathu kuphela.
Wathathwa yiqembu lesizwe lika-Under-19 ngo-2013, wanqoba nalo i-Euro ngo-2015. Ngo-2018 wanyuselwa kwelika-Under-21, wathatha nalo i-Euro ngo-2019.
Emuva kwalokho, uDe La Fuente wanikwa izintambo eqenjini eladlala kuma-Olympic ayeseTokyo ngo-2021, labuya nendondo yesiliva ngesikhathi lishaywa yiBrazil ngo 2-1 kowamanqamu.
Wanikwa isikhundla sokuqeqesha iqembu lesizwe laseSpain elikhulu ngoDisemba ka-2022, evala isikhala sika-Luis Enrique, owasula kulandela ukukhishwa yiMorocco kwi-Last 16 eNdebeni yoMhlaba.
Unqobe isicoco sokuqala naleli qembu ngesikhathi lidla iCroatia kumaphenathi kowamanqamu e-Uefa Nations League ngoJuni nyakenye.
Inqwaba yabadlali abaseqenjini elikhulu le-La Roja njengo-Rodri, Dani Olmo, Mikel Merino, Fabian Ruiz nabanye badlule ezandleni zakhe esapheka amaqembu abasebancane.
ISpain isayinqobe yonke imidlalo eyisithupha kuma-Euro anonyaka, yashaya amagoli angu-13, yangenelwa amathathu.
UDe la Fuente uthe ulindele umdlalo onzima kowamanqamu ne-England yize iqembu likaGareth Southgate beligxekwa ngokudlala ibhola elingathandeki ngaphambi kokuthi likhiphe iNetherlands ngo 2-1 kowandulela owamanqamu.
“Ngaphambi kokuqala lo mqhudelwano i-England neFrance iwona amaqembu abethwelwe ngeqoma, ehambisana neGermany ebidlalela ekhaya,” uDe La Fuente usho kanje ecashunwa yi-ESPN.
“Mhlawumbe iSpain isadlale kangcono kulo mqhudelwano kodwa lokho ngeke kube nomthelela kowamanqamu. I-England inabadlali abasezingeni eliphezulu abangagqama noma yinini.
“Kuzoba nzima kodwa siwubheke ngabomvu lo mdlalo. Sifuna ukuqhubeka nokukhula. Leli qoqo labadlali lizoqhubeka nokulwela le ndebe."
Kuzobe kungokokuqala iSpain idlala ne-England emqhudelwaneni omkhulu selokhu bagcina kuma-quarter-final e-Euro ango-1996, lapho kwanqoba khona iThree Lions kumaphenathi. Bagcina ukubhekana kwi-Nations League ngo-2018, kwanqoba i-England ngo 3-2. Uma iSpain inqoba, uDe la Fuente uzoba ngumqeqeshi wokuqala onqobe i-Euro emazingeni amathathu.