UTHANDAZELA ukuthi kuphele ishobolo lokuhlulwa ukunqoba izinkomishi uSiphosakhe Ntiya-Ntiya oyisitobha seSekhukhune United ejabulise abalandeli bayo ingena kowamanqamu eNedbank Cup.
Lo mdlali oyibamba emuva ohlangothini lwesobunxele ungabanye babadlali abachithwe yiKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini edlule kanti ukhuliswe yiyo.
Unyuselwe eqenjini elikhulu ngo-2018 kade iziMpofana zisacijwa uSteve Komphela.
Uze wahamba kuMakhosi enganqobanga nesisodwa isicoco.
Esadlala kwiChiefs udlale owamanqamu weNedbank Cup ngo-2019, abaqunjwa phansi kuwo iTS Galaxy eyayisadlala esigabeni esiphansi esesaziwa ngeMotsepe Foundation Championship.
UNtiya-Ntiya uphinde wadlala owamanqamu eCaf Champions League ngo-2020. Nakhona izinto azihambanga njengokufisa kwakhe njengoba beshaywe i-Al Ahly yase-Egypt.
Selokhu ejoyine iSekhukhune ubukeka engesinye sezithenjwa zomqeqeshi uBrandon Truter.
Ungomunye wabalime indima enkulu ekutheni iBabina Noko ishaye iStellenbosch kowandulela owamanqamu eNedbank Cup ngo 4-3 kumaphenathi ngeSonto.
Kowamanqamu ezikaNtiya-Ntiya zizobhekana ne-Orlando Pirates ngoMeyi 27, eLoftus Versfeld Stadium.
La maqembu azoqale atholane phezulu koweligi ngoMgqibelo, e-Orlando Stadium.
Lomdlali uveze ukuthi usehlala ethandaza, ecela uNkulunkulu ukuthi amsize anqobe inkomishi yakhe yokuqala.
"Angiqale ngokubongela iqembu lethu ngokufinyelela kowamanqamu eNedbank Cup. Angikuboni okungasivimba uma singaqhubeka nokubambisana ngale ndlela.“
“Abukho ubuhlungu engingabufanisa nengabuzwa mhlazane sishaywa kowamanqamu eNedbank Cup ngo-2019. Kwakuzoba indebe yami yokuqala. Ngaphinde ngezwa obunye obukhulu sishaywa koweCaf Champions League,“ kusho uNtiya-Ntiya.
“Iningi lalingasiniki lutho, kodwa sakwazi ukufinyelela kowamanqamu. Emkhulu uNkulunkulu usephinde wanginika elinye ithuba lapha kwiSekhukhune.”
“Kulokhu ngithandazela ukuthi ongenhla angibusise ngeyeNedbank Cup. Wonke umdlali uzokutshela ukuthi iphupho lakhe ukuyeka ibhola enazo izinkomishi azinqobile,” kuqhuba uNtiya-Ntiya
Iqembu elizonqoba iNedbank Cup lizophinde limele elakuleli kwiCaf Confederation kanjalo nelizosonga i-log yeDStv Premieship, lilele isithathu.
Oshampeni okuyiMamelodi Sundowns nelizolala isibili kwilog baya kwiCaf Champions League.
Nakuba owamanqamu eNedbank Cup usazodlalwa kodwa kubukeka womabili amaqembu enalo ithuba lokuya e-Afrika. Njengamanje eZimnyama zisendaweni yesibili ngamaphuzu awu-50 emidlalweni ewu-28.
Uma ziqeda kule ndawo zizoya kwiChampions League noma kwiConfederation Cup uma zisonge kweyesithathu.
Lokhu kusho ukuthi uma ziyinqoba iNedbank Cup kuzomele zidedele iSekhukhune ukuya kwiConfederation Cup.
Ebuzwa ngamathuba okubuyela e-Afrika, UNtiya-Ntiya, uthe: "Ngokwezibalo kubukeka ngesizini ezayo sizodlala e-Afrika. Nakuba kunjalo kuzomele singaxhamazeli.“
“Okwamanje silwela ukuthi siqede siku-Top bese sidlala kwiMTN 8 ngesizini ezayo. Sifuna nokuyinqoba iNedbank Cup.“
Kwi-log, iBabina Noko ikweyesikhombisa ngamaphuzu awu-36, emidlalweni ewu-28.
Kwiligi lesi sitobha sesidlale ewu-24 nemithathu yeNedbank Cup. Sekuke kwenzeka ukuthi iqembu elinganqoba iNedbank Cup lidlale kwiConfederation Cup.
Lokhu kwenzeka ngesizini edlule iMarumo Gallants ingena ngethikithi leSundowns eyanqoba iNedbank Cup kodwa isivele inendawo kwiChampions League ngokuba ngompetha beligi yakuleli.