UZWAKALA esezinikele esibhaxwini seMamelodi Sundowns kungakadlalwa umqeqeshi wePolokwane City, uLehlohonolo Seema, ezakhe ezibuye zilambatha eThekwini ngempelasonto edlule.
IRise And Shine yehlulwe yiLamontville Golden Arrows ngo 3-2 kowe-DStv Premiership eMpumalanga Stadium, eHammarsdale.
Emidlalweni emine, esayidlalile selokhu ibuyile esigabeni esikhulu, iwine emibili. Ishaye iStellenbosch neCape Town Spurs ebikade idlala nayo kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule.
Kusasa ngo-5 ntambama, iPolokwane izokwamukela iSundowns koweligi ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. ISundowns yilona kuphela iqembu kwiPremiership elisayiwine yonke imidlalo (emihlanu) selokhu kuqale isizini ka-2023/2024.
AmaBrazilians, aseyiwine amahlandla ayisithupha iligi kulandelana, asesicongweni se-log ngamaphuzu angu-15.
Emazwini kaSeema, emuva kokudliwa yi-Arrows, kuvelile ukuthi akalindele mlingo koweSundowns evithiza kwasani okuphambi kwayo. Kodwa wathi abakhathazekile ngokubhekana nayo.
"Abadlali abahambe bayothokozela umdlalo. Asikhathazekile. ISundowns ishaya wonke amaqembu. Kungani kufanele sikhathazeke. Sizoya laphaya, sigxile kithina, silungise lokhu esihlulekile ukukulungisa namuhla (kowe-Arrows), siqhubekele phambili, siqhubeke nokusebenzela umdlalo olandelayo," kusho uSeema.
ISundowns kulindeleke ukuthi isishintshe isikimu kowePolokwane kwazise ivivela ukugadulisana neKaizer Chiefs kowomlenze wokuqala owandulela owamanqamu we-MTN8 e-FNB Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Emuva kwalokho iyoze ibuyele enkundleni ngoSeptemba 15 isivakashela iBumamuru yaseBurundi kowomlenze wokuqala wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo se-Caf Champions League.
Umqeqeshi uRhulani Mokwena uzothandazela ukululama kwabadlali bakhe abalimele okukhona kubona isethenjwa uPeter Shalulile. Mhlawumbe lokhu ukushintsha isikimu nokulinyalelwa kweSundowns kungayiweza ngelibanzi iPolokwane edinga amaphuzu azoshesha ukuyiphephisa ezembeni elizogawula ekupheleni kwesizini.
Nakuba uSeema ezwakala engaboni okungako abangakwenza koweSundowns kodwa umdlali wasemuva wamaBrazilians, u-Aubrey Modiba ukholwa wukuthi umdlalo uzoba nzima nakubona.
"IPolokwane yenza kahle kakhulu, yingakho ilele endaweni yesihlanu kwi-log. Izoba ingozi kakhulu njengoba kodlule ishayiwe kade idlalela ekuhambeni. Kulokhu izobe isekhaya, idlala phambi kwabalandeli bayo.
“Kuzomele simake siqinise, siphinde siwasebenzise amathuba esiwatholayo. Sinabo abadlali abazokwazi ukusitholela amaphuzu amathathu. Akusasho lutho ukuthi kodlule sinqobile kwathi iPolokwane yadliwa. Kuzoba umdlalo ohlukile," kusho uModiba ethimbeni leSundowns labezindaba.
Uphume iqhubu no-Oswin Appollis oshaye amagoli amabili iPolokwane idla iCape Town Spurs ngo-3-2 emasontweni edlule noDouglas Mapfumo olinamathisele enethini idliwa yiLamontville Golden Arrows ngempelasonto edlule. Ukhale ngobungozi balaba badlali.