UKAPUTENI weNjampela FC, uSbongimpilo “Gattuso” Buthelezi, ufunga uyagomela ukuthi ngeke babuye belambatha kumaPlay-Off kazwelonke eSafa ABC Motsepe League aqala ngoLwesibili e-Upington, eNorthern Cape.
UButhelezi (29), odabuka oSuthu, KwaNongoma, ngomunye wabadlali abamqoka nabawumgogodla kuleli qembu laKwaNongoma elizomela iKwaZulu-Natal kwekazwelonke yokuhlungela ukukhuphukela esigabeni seMotsepe Foundation Championship.
Le midlalo izoba seMxolisi Dicky Jacobs, e-Upington, kusukela ngoLwesibili kuze kube yiSonto ngoJuni 23.
INjampela eqhathwe kuGroup A neMpheni Home Defenders yaseLimpopo neFN Rangers yaseWestern Cape, izovula neMpheni ngoLwesibili ngo-3 ntambama, ilandelise ngeFN Rangers ngoLwesine ngo-9 ekuseni.
“Kimina kusho lukhulu ukuhola iqembu langakithi KwaNongoma kule midlalo emqoka kangaka yamaPlay-Offs kazwelonke futhi kuyisifiso sami esikhulu kanye nozakwethu ukuthi leli qembu lethu silibone likhushulelwa esigabeni esikhokhelayo seMotsepe Championship.
Sizimisele isizini iqala kwaze kwaba wumdlalo wethu wokugcina wesizini, ungekho nowodwa umdlalo ebesiwuthatha njengongabalulekile. Ngakho-ke nakule midlalo esiyoyidlala, yonke sizoyithatha njengefayineli kuze kube ngumdlalo wokugcina.
Siyayazi inselelo esiyobhekana nayo ngoba amaPlay-Offs kazwelonke ahluke kakhulu kunawesifundazwe kodwa sizimisele ukulwa ngakho konke esinakho singabuyeli ekhaya silambatha,” kusho uButhelezi.
UButhelezi oyibamba enkabeni yenkundla, nguyena owashayela iNjampela igoli lokunqoba iguqisa uMsinga United emdlalweni wokuhlunga iqembu elalizomela iKZN kumaPlay-Off kazwelonke eMotsepe League owawudlalelwa KwaNgcendomhlophe, eMandeni, ngo-Ephreli 28.
Lo mdlali useyinkunzi emidwayidwa esigabeni seMotsepe League njengoba esedlale emaqenjini ehlukene kulesi sigaba.
Ngaphandle kweNongoma United aqala kuyona kwi-Local Football Association (LFA), udlalele amaqembu ehlukene kwiMotsepe League, okubalwa kuwona iNongoma Citizens, iGqikazi All Stars, uThongathi FC, JDR Stars, neSecunda Stars edlala kwiMpumalanga ABC Motsepe League.
“Kule minyaka yobudala engikuyona njengamanje, ngikholwa wukuthi sesifikile isikhathi sokuthi ngidlale esigabeni esikhokhelayo futhi angikalilahli ithemba ngokuthi isifiso sami siyogcina sifezekile.
Njengabadlali beqembu sazi kahle ukuthi ukuphumelela kweqembu ukungena kwiMotsepe Championship kuzokwenza ngcono izimpilo zethu. Ngakho-ke leso ngesinye sezizathu ezisikhuthazayo njengoba siya kule midlalo,” kuphetha uButhelezi owaphothula u-matric eFalaza High School, KwaNongoma.