Ongumqeqeshi omusha weMilford FC, uMandla Qhogi, uthe ukholwa wukuthi ukuba kwakhe ezinhlakeni ze-Orlando Pirates isikhathi eside kumnike isipiliyoni sokuthi angakwazi ukuletha impumelelo kuleli qembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship.
UQhogi osebenze iminyaka engaphezulu kuka-18 ezinhlakeni zabadlali abasakhuliswa kwiPirates, okubalwa neqembu layo leDStv Diski Challenge, usanda kuthatha izintambo zokuqeqesha kwiMilford ebiqeqeshwa ngusihlalo wayo, uXanti Pupuma, ngesizini edlule.
IMilford ngelinye lamaqembu ayisithupha aKwaZulu-Natal ePremier Soccer League (PSL) azogijimisana emqhudelwaneni waminyaka yonke wokuzifudumezela ukuqala kwesizini, iKZN Premier’s Cup, ePrince Mangosuthu Regional Stadium, oLundi, ngoJulayi 27 kuya ku-28. Amanye amaqembu AmaZulu FC, Lamontville Golden Arrows, Richards Bay FC, Royal AM neMaritzburg United.
IMilford izovula neRoyal AM emdlalweni wesibili ozobe wandulela owokubhula amazolo ozobe uphakathi kwaMaZulu ne-Arrows, ngoJulayi 27.
“Ngicabanga ukuthi ukuthola kwami ithuba lokuqeqesha esigabeni seNFD (Motsepe Championship) kuyithuba elikhulu kimina.
“Ngaphandle nje kokuthi ngake ngasebenza njengephini lesibili lomqeqeshi esikimini esikhulu kwiPirates kusanda kuhamba uJulio Cesar Leal ngesizini ka-2011/2012, ngicabanga ukuthi nginaso isipiliyoni sami sokusebenza kulelo zinga nekhono lokuthatha iqembu elinjengeMilford ngilibeke ezingeni eliphezulu,” kusho uQhogi.
Ngaphandle kokuqeqesha eqenjini leDiski Challenge lePirates, uQhogi usebenze kwiSekhukhune United eleDiski Challenge.
Lo mqeqeshi uthe leli qembu elizivivinyela ukuqala kwesizini, kukhona abadlali eselibasayinisile.
“Sikwazile ukuthola abadlali abasha okubalwa kubo uTshepo Liphoko, uMbonise Mchunu osuka kwiNB La Masia, uMfundo “Chicco” Mdluli osuka kuMkhumbane FC, okungabanye babadlali engikholwa wukuthi banalo ikhono lokwenza umehluko eqenjini.
Okubaluleke kakhulu kithina njengeqembu leMilford wukuthi ngesizini ezayo senyuse izinga, sikwazi ukufinyelela ezingeni lokuyodlala amaPlay-Offs ekupheleni kwesizini.”
Nakuba ngesizini edlule iStallions izithole isibalwa namaqembu avika izembe kodwa imangaze abaningi ibhuquzisa iKaizer Chiefs iyiwashisa ijezi emzuliswani we-Last 32 weNedbank Cup.