UMDLALI wasemuva kwiMaritzburg United, uXolani Slawula, uthi ukushaya kwabo i-Orbit College eqhwakele phezulu kwi-log yeMotsepe Foundation Championship kubafake umfutho othe xaxa kubona embidlangweni wabo wokufeza umgomo wabo wokuqoqa amaphuzu kusenesikhathi.
IMaritzburg ebisishaywe imidlalo emibili kulandelana, ivuke nge-Orbit College ngeledlule iyithela isibhaxu sika 3-1, yize lokho kungakayehlisi i-Orbit esicongweni se-log. IMaritzburg njengamanje isendaweni yesihlanu kwi-log, yehlukaniswa ngamaphuzu amane neqembu eliphezulu.
Izodudulana neLa Masia, e-Isak Steyl Stadium, eVanderbijlpark, namuhla ngo-3.30 ntambama.
“Ukushaya kwethu i-Orbit kubuyise ukuzethemba kithina ngemuva kokuba besesishaywe imidlalo emibili ilandelana.
Ngoba vele ukushaywa kwethu bekungamaphutha ethu (abadlali), siwalungisile sakwazi ukubuya sathola iwini ebalulekile ebesiyidinga kakhulu njengoba besidlalela ekhaya,” kusho uSlawula.
“Umgomo ebesizibekele wona owokuthi siqoqe amaphuzu angu-20 emidlalweni engu-10. Kodwa njengoba sisaqoqe angu-18 njengamanje emidlalweni engu-11, lokho kusinika umfutho wokuthi siyinqobe imidlalo yethu emine esisazoyidlala ngaphambi kokuqeda umzuliswano wokuqala. Ngakho siyawadinga kakhulu amaphuzu kulo mdlalo esiyowudlala neLa Masia.”
I-Team of Choice imidlalo yayo emine ezoyidlala ngaphambi kokusonga umzuliswano wokuqala wesizini, yilona weLa Masia, iPretoria Callies (ekhaya), i-Upington City (ekuhambeni) neMarumo Gallants (ekuhambeni).
Elinye iqembu iqembu laKwaZulu-Natal elinomdlalo omqoka yiMilford FC, ezodlala ne-Upington City, eGWK Park, eKimberley, kusasa ngo-3.30 ntambama.
IMilford isendaweni ka-15 kwi-log, iwadinga kakhulu amaphuzu ukuze ixaxambe, isuke kule ndawo ekuyona kwi-log.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla - Ngo-3.30pm: JDR Stars v Casric Stars (Soshanguve Stadium); NB La Masia v Maritzburg United (Isak Steyl).
Kusasa - Ngo-3.30pm:
Hungry Lions v Magesi FC (GWK Park); Black Leopards v Venda FC (Thohoyandou Stadium); Marumo Gallants v Pretoria Callies (Isak Steyl Stadium); Orbit College v Baroka FC (Olympia Park).
NgeSonto - Ngo-3.30pm:
Upington City v Milford FC (GWK Park); University of Pretoria v Platinum City Rovers (Tuks Stadium).
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Cape Town City v Royal AM (Cape Town Stadium).
Kusasa - Ngo-3.30pm: Polokwane City v Swallows (Old Peter Mokaba Stadium); Kaizer Chiefs v Orlando Pirates (FNB Stadium).
Ngo-8pm: Chippa United v Stellenbosch (Nelson Mandela Bay Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Golden Arrows v AmaZulu (Mpumalanga Stadium); Richards Bay v Cape Town Spurs (King Zwelithini Stadium).
Ngo-5.45pm: Sekhukhune United v SuperSport United (Peter Mokaba).