XOLILE MPISANE
UBHEKENE nokuhlenga iqembu ekugawulweni yizembe ngaphambi kokuzikhathaza ngokuthi lizoqeda kuyiphi ndawo ye-log yeDStv Premiership, umqeqeshi weMaritzburg United, uFadlu Davids.
I-Team of Choice izikhiphe endaweni eyingozi ngokunqoba imidlalo emithathu ilandelana, iguqisa iMarumo Gallants, iRoyal AM neLamontville Golden Arrows.
Nokho ukushaywa yiChippa United ngo 1-0 ngeSonto, kwenze yazithola isisendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu angu-20 emidlalweni ewu-18.
UDavids uthi akayinakile eyamaphuzu amathathu abahlukani senaMaZulu angenhla nabazobhekana nawo kusasa kodwa ukhathazeke kakhulu ngamabili abashiya ngawo iSwallows esendaweni ka-15.
“Angiboni ukuthi kufanele sikhulume nge-Top 8. Kufanele sikhumbule lapho siphuma khona nokuthi abadlali basebuthaka. Ukuhlala emsileni we-log izinyanga eziyisithupha akuyona into elula," kuchaza uDavids.
"Sizikhiphe emsileni kodwa sisasendaweni ebucayi. Kusamele sicathule sithathe umdlalo ngamunye. Ngeke sikwazi ukunqoba imidlalo emithathu ilandelana bese siqala ukucabanga nge-Top 8.
"Inhloso yethu wukuqoqa amaphuzu angu-30 ngokushesha okukhulu. Uma kwenzeka sifika lapho futhi sisasalelwe yimidlalo sizobe sesiphusha ngendlela esingenza ngayo. Okwamanje esikuhlosile wukuhlenga iqembu ezembeni."
EzikaDavids zisanda kukhonya emidlalweni emibili yomkhaya zehlula iRoyal AM neLamontville Golden Arrows.
"Sizilungiselela ngendlela efanayo akukhathali ukuthi sizodlala naMaZulu, iKaizer Chiefs, noma iMarumo Gallants. Yonke imidlalo ibaluleke kakhulu, akusho lutho ukuthi udlala neqembu elisendaweni yesine kwi-log noma elisendaweni ka-16,“ kusho uDavids.
“Basiqinisile isikwati sabo kuleli windi lokuhwebelana nangaphambilini. Banabadlali abahle kuzo zonke izindawo."
Ngesikhathi amaqembu etholana phezulu ngo-Okthoba nyakenye, emdlalweni weligi eThekwini, waphela zibambene ngo 1-1.
Igoli loSuthu lashaywa nguGabadinho Mhango, elokulinganisa leTeam of Choice lavalelwa nguFriday Samu.