UNESIFISO sokuqhubeka nokuyiqeqesha ngesizini ezayo iMaritzburg United, uSimo Dladla, kodwa uthi sekusezandleni zabaphathi ukunquma ngekusasa lakhe kuleli qembu.
Amaqembu eMotsepe Foundation Championship adlala imidlalo yokusonga isizini kusasa ngo-3 ntambama ezinkundleni ezahlukene.
IMaritzburg esendaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu angu-43, ngokwezibalo, isenalo ithuba lokungena ngentuba kumaPlay-Off okulwela ukukhushulelwa kwiDStv Premiership, kodwa kuzofanele ithandazele ukuthi izimbangi zayo iBaroka FC ne-Upington City balahle amaphuzu emidlalweni yakusasa.
Kuzobe sekudingeka yona (iMaritzburg) izibambele enye yezimbangi zayo i-JDR Stars ezodlala nayo, eSoshanguve Giant Stadium, ePitoli, kusasa ngo-3 ntambama, ukuze izoqeda endaweni yesithathu kwi-log yeMotsepe Championship ngenxa yomehluko wamagoli ebukeka ingaba nawo kunezimbangi zayo.
IMaritzburg izinciphisele yona amathuba okuzibekisela indawo kumaPlay-Off ibambana nePlatinum City Rovers ngo 0-0 idlalela ekhaya ngeledlule.
I-University of Pretoria esendaweni yesibili kwi-log izotholana phezulu neBaroka komunye wemidlalo ebhekwe ngabomvu, eTuks Stadium, ePitoli, kuthi i-Upington City ibhekane neCasric Stars eMxolisi Dicksy Jacobs Stadium, e-Upington.
I-University of Pretoria esendaweni yesibili njengamanje kwi-log ngemuva kweMagesi esinyuselwe kwiPremiership.
“Sizidalele thina ubunzima. Bekufanele siyinqobe yomibili imidlalo yethu yakamuva ngaphambi kwalo wokugcina esiyowudlala neJDR Stars (banqobe oweHungry Lions ngaphambi kokudlala ngokulingana neRovers), ngakho-ke ukuhluleka kwethu ukubuya namaphuzu aphelele kwiCity Rovers kukhomba khona amathuba ethu awasekho.
“Umgomo ebengibekelwe wona mina owokuthatha iqembu ngilifake kumaPlay-Off, ngaleyo ndlela ukwehluleka kwami ukwenza lokho, kusho khona ukwehluleka. Ngakho-ke ngicababanga ukuthi sekukubona abaphathi ukuthi bathatha siphi isinqumo ngekusasa lami,” kusho uDladla.
“Ngiyafisa ukuqhubeka neqembu, sekuzoba kubona abaphathi ukuthi bayasibona yini isidingo sokuthi ngiqhubeke nalo iqembu.”
UDladla uthathe izintambo zokuqeqesha i-Team of Choice maphakathi nesizini kulandela ukukhonjwa indlela kukaZipho Dlangalala ekuqaleni kukaDisemba, ngenxa yokuphikwa yimiphumela.
Ube esesondeza uPitso Dladla ukuzoba yiphini lakhe, yena obesuka kwiMarumo Gallants.
Imidlalo yeMotspe Foundation Championship:
Namuhla ngeSonto - Ngo-3pm: Marumo Gallants v Orbit College (Lucas Moripe Stadium); Black Leopards v NB La Masia (Thohoyandou Stadium); Upington City v Casric Stars (Mxolisi Dicksy Jacobs Stadium); Magesi FC v Venda Football Club (Old Peter Mokaba Stadium); Milford FC v Pretoria Callies (Princess Magogo Stadium); University of Pretoria v Baroka FC (Tuks Stadium); JDR Stars v Maritzburg United (Soshanguve Giant Stadium); Platinum City Rovers v Hungry Lions (Isak Steyl Stadium)