UKHALE ngokuthi izinto zizovuna izimbangi zabo njengoba bezoyisonga kuqala kunazo isizini kuDStv Premiership, umqeqeshi weMaritzburg United, uFadlu Davids.
ITeam of Choice izobhekana neMamelodi Sundowns eLoftus Versfeld ngoLwesibili ngo-7:30 ebusuku, emdlalweni okufanele iwunqobe noma okungenani ithole iphuzu kuwona ukuze ibe sethubeni lokuqhubeka nokudlala esigabeni esiphezulu ngesizini ezayo.
Iqembu likaDavids livuke sekukubi lashaya iStellenbosch FC ngo-1-0 ekhaya ngoMgqibelo ntambama. Lisasemsileni we-log ngamaphuzu angu-29, kodwa selibambene neChippa United noMarumo Gallants, abanesibalo samagoli angcono.
IChilli Boys izodlala owokugcina ekhaya neLamontville Golden Arrows ngoMgqibelo ntambama, iGallants ibhekane neSwallows ekuhambeni.
Umdlalo weSundowns neMaritzburg uhlelelwe uLwesibili ngenxa yokuthi amaBrazilains kufanele abhekane neWydad Athletic ngoMgqibelo, emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weCaf Champions League.
“Kunzima ngoba ngokujwayelekile imidlalo yokugcina idlalwa ngesikhathi esisodwa. Awufuni ukukhuluma ngokudayiswa kwemidlalo nezinto ezinjalo ngoba akuzona izinto ezilungile. Siyethemba ukuthi iGolden Arrows izosebenzisa isikimu esiqinile futhi siyethemba ukuthi neSwallows izolwela ukungena kwi-Top 8,” kusho uDavids.
“Uma kwenzeka sihlulwa asilindele ukuthi amanye amaqembu azithele ngabandayo adlale ngokulingana. Uma imidlalo idlalwa ngesikhathi esisodwa awuzicabangi nokuzicabanga izinto ezinjalo.
“Kufanele senze konke okusemandleni ethu, okuzokwenzeka ngemuva kwalokho akukho ezandleni zethu.”
Yonke imidlalo yangoMgqibelo izoqala ngo-3 ntambama. Khona kusasa kulindeleke ukuthi kube wusuku lokunikezwa kweSundowns indebe yayo esiyivikele amahlandla ayisithupha kulandelana kanti futhi kungaba wusuku lokugcina lweTeam of Choice ukudlala esigabeni esikhulu uma ihlulwa.
UFadlu uthe ulindele ukuthi abadlali bakhe bangabi novalo eLoftus.
AmaSandawana aphinde aba ngompetha beDStv Premiership ekuqaleni kwenyanga edlule, ethatha isicoco esasalelwe yimidlalo eyisikhombisa. Kusukela lapho asenqobe imidlalo emibili yeligi, adlala ngokulingana kwemine.
“Ngumdlalo okufanele sikhombise kuwona isibindi. Umdlalo neStellenbosch usikhombisile ukuthi akumele sihlale emuva. Akufanele siphendule kokwenziwa izitha kodwa kufanele sigadle kuqala,” kuqhuba uDavids.
“Kumele siqine ebholeni futhi sishaye amagoli. Siyazi ukuthi amagoli yiwona enza unqobe umdlalo. Kufanele silwele amaphuzu amathathu, bese siba yizibukeli ngomhlaka-20 (ngoMgqibelo).
“Akufanele sicabange ukuthi kungenzekani kweminye imidlalo, sizogxila emdlalweni wethu, kule mizuzu engu-90 yebhola. Yebo sizobe sidlala neqembu elihamba phambili e-Afrika, kodwa uma sifuna ukuzisindisa, uma sifuna ukwenza izinto ezimangalisayo, kufanele sibahlule,” uphethe kanje.