UKUSHAYA into ecokeme kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) sekumphendule inyama umgadli weBlack Leopards kwi-Africa, uBethuel Muzeu, okuvela ukuthi usefunwa ngamaqembu eDStv Premiership lingavalwa iwindi kusasa.
UMuzeu (23) udlalela iqembu lesizwe laseNamibia ebelikeliswe neBafana Bafana kuGroup E we-Afcon. Ungumgadli ovutha uphondo kwiBlack Leopards egijima kwiMotsepe Foundation Championship. UMuzeu uzihola phambili ngokushaya amagoli kwiChampionship ngawu-10. Ulandelwa nguPrince Nxumalo weJDR Stars ngayisishiyagalombili.
Kwi-Afcon, uMuzeu ungene nomnyakazo waba ngumvusi wenyamazane ngokugoba ibhola elingqomfelwa enethini nguDeon Hotto ngesikhathi iNamibia iguqisa iTunisia ngo 1-0 emdlalweni wokuvula kaGroup E.
Ngokuthola kweSolezwe, phakathi kwamaqembu okuvela ukuthi acathamela lo mdlali kubalwa kuwona iRichards Bay FC, iCape Town Spurs neLamontville Golden Arrows.
Womabili amaqembu, iSpurs neRichards Bay, ngamaqembu avika izembe kwiPremiership. Kuyiwe ekhefini le-Afcon esendaweni ka-16 neka-15 kwi-log ngokwehlukana.
Ngakolunye uhlangothi, i-Arrows ebiyiqale kahle le sizini, kuyiwe ekhefini le-Afcon izinto ziyibhimbela nakuba isendaweni ka-10 kwi-log okuyindawo ephephile esishozini okudlalela kuso izembe.
Ethintwa yileli phephandaba uVincent “Parks” Kobola oyimenenja kaMuzeu, uvumile ukuthi akhona amaqembu ePremiership amfunayo lo mdlali, okungewona kuphela njengoba kukhona namabili angaphandle kwaseNingizimu Afrika.
“Yebo, ngingakuqinisekisa ukuthi akhona amaqembu eDStv Premiership amfunayo uBethuel, amanye esisaxoxisana nawo kodwa engingeke ngiwadalule okwamanje.
Kodwa-ke futhi akuwona amaqembu eDStv Premiership kuphela, njengoba kukhona nelinye elimfunayo laseSudan, nelinye lase-Egypt.
Okwamanje usenenkontileka neBlack Leopards, lokho okufanele sikuhloniphe nanokuthi-ke usagxile eqenjini lakhe lesizwe iNamibia elidlala kwi-Afcon njengamanje,” kusho uKobola.
UMuzeu ujoyine iLeopards ngesizini edlule, ngemuva kokuthatha amehlo ezinhloli zaleli qembu laseLimpopo emqhudelwaneni weCosafa Cup owawubanjelwe eThekwini ngo-2022, egijima eqenjini lesizwe laseNamibia.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, inkontileka kaMuzeu iphela ngoJuni, okuwukuphela kwale sizini ephezulu. Lokhu kusho ukuthi lo mgadli usengakwazi ukusayina inkontileka yesibambiso nanoma yiliphi iqembu elimfunayo.