UMDLALI weMamelodi Sundowns, uKhuliso Mudau, uzwakale enokunengeka ngenxa yemiphumela yabo yakamuva yeDStv Premiership abalahle kuyona amaphuzu.
UMudau oyibamba emuva kwesokudla kulabo mpetha beligi, uthe kumele bakulungise lokhu namuhla uma sebebhekene neRichards Bay FC koweligi eLoftus Versfeld, ePitoli, ngo-3 ntambama.
ISundowns isivele isidlile isicoco seligi okwehlandla lesithupha kulandelana, okulandelwe ukuphuma kwiNedbank Cup okuyishiya neCaf Champions League esengakwazi ukuyilwela. Isisesigabeni sama-quaterfinal salo mqhudelwano lapho inqobe umlenze wokuqala ngo-4-1, ihlula iCR Belouizdad yase-Algeria, ngempelasonto. La maqembu azophinde abhekane kowesibili ngoMgqibelo, kuleli.
Ukudla isicoco seligi kusasele imidlalo eminingi, kulandelwe ukwehlelwa ifomu okuyisimanga kwiligi okufakazelwa ukudlala kweSundowns ngokulingana amahlandla amathathu kulandelana emidlalweni yayo emithathu edlule. Idlale ngokulingana neCape Town City, Swallows FC neLamontville Golden Arrows.
Lokhu kucazelana ngamaphuzu kweSundowns namaqembu evamise ukuwabhabhadisa kwenze kwaqala izinsolo zokuthi leli qembu selehlisile ngoba vele selikuzuzile ebelukufuna.
Ngokukhula kwemvunge kuze kwaphoqeleka ukuthi uRulani Mokwena, oyinhloko yabaqeqeshi, ukuthi abhule umlilo kwabezindaba, egcizelela ukuthi awukho umdlalo abangafuni ukuwunqoba.
Kusobala-ke nokho ukuthi nangaphakathi kwiSundowns akubahleli kahle abadlali lokhu kulahla amaphuzu.
“Nakuba sikhathele kodwa sonke siyazi ukuthi simelwe umdlalo omqoka emahoreni ambalwa sibuyile ohambeni lwethu lwase-Algeria,” kusho uMudau ethimbeni labezindaba le’Downs izolo, njengoba bebesanda kubuya e-Algeria.
“Kuyangikhuthaza engikubona ekhempini ngoba imiphumela yakamuva ayibanga mihle ngakho-ke kunomuzwa wokufuna ukuguqula isimo ngokunqoba umdlalo olandelayo.
“Kungumsebenzi wethu ukuthi sibuyise isithunzi sethu ngomphumela esizowuthola kwiRichards Bay esingangabazi ukuthi izokwenza konke engakwenza ukusenzela umsebenzi ubenzima.
“Idlala kahle iBay kodwa njengoba bengishilo ukuthi imiphumela yethu yakamuva ayisifanele, siya kulo mdlalo ngomqondo ocacile wokuthi siyonqoba,” kuqhuba yena.
Lo mdlali uthe sebekubeke eceleni okwenzeke e-Algeria.
“Sikujabulele ukunqoba umdlalo omqoka saqeda. Simelwe ukulungisa izinto ekhaya ngalo oweRichards Bay, osekuyiwona omqoka kunayo yonke okwamanje,” kusonga uMudau ejobelela ngokunxenxa abalandeli beSundowns ukuba baphume ngobuningi babo eLoftus.