BORUSSIA DORTMUND v REAL MADRID
Wembley Stadium - Namuhla ngo-9pm
Uefa Champions League
NAKUBA iReal Madrid kuyiyona ebukeka ithwelwe ngeqoma yiningi labalandeli nezingqapheli zebhola kowamanqamu e-Uefa Champions League neBorussia Dortmund, kodwa oyiSporting Director yeDortmund, uSebastien Kehl uthi ezakhe aziyelanga ukuyosinisa amahleza kulo mdlalo.
Lo mdlalo obhekwe ngabomvu ngabathandi bakanobhutshuzwayo abaningi uzogijinywa, eWembley Stadium, eLondon namuhla ngo-9 ebusuku.
IDortmund yaseGermany ifinyelele kowamanqamu ngokuguqisa iParis Saint-Germain (PSG) kowandulela owamanqamu, kwathi iMadrid yaseSpain yaguqisa iBayern Munich yakhona eGermany komunye umdlalo wowandulela owamanqamu.
“Wonke umuntu uyabazi ubukhulu nokubaluleka kwalo mdlalo. Abadlali bethu sebeyibuke iminyaka imidlalo yamanqamu eChampions League kwithelevishini kodwa kulokhu yibona abazobe bedlala kuwona lo mdlalo obaluleke kakhulu eqenjini lebhola emhlabeni.
Kuzoba neziwombe ezinzima emdlalweni kodwa futhi kuzoba neziwombe lapho khona singase siyimangaze iReal Madrid. Banamava kakhulu ukwedlula thina kulo mqhudelwano, yingakho kubafanele ukubizwa njengemfivilithi kulo mdlalo wamanqamu,“ kusho uKehl ecashunwa yi-Kicker.
Uthe njengoba bengabhekiwe kakhulu, bangase bayimangaze iMadrid.
“KwiChampions League yakule sizini sihlule amaqembu amakhulu esigabeni samaqoqo, sabe sesishaya iPSG eyiqembu elifake izindodla ngezindodla zemali iminyaka ukunqoba lo mqhudelwano (weChampions League). Okuyingakho-ke kusifanele ukudlala lo mdlalo wamanqamu.”
Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi weMadrid, uCarlo Ancelotti, kubukeka eyipopola ingozi ngokuya kulo mdlalo yena nezakhe bezitshela ukuthi yibona abasethubeni elingcono lokudla umhlanganiso.
“Ukufinyelela kowamanqamu yinto enkulu kwisizini futhi sinomuzwa wokuthi senze kahle kule sizini.
Sizolithokozela leli lungelo lokudlala kowamanqamu kuze kube wusuku lomdlalo, sinokuzethemba,” kusho u-Ancelotti, ecashunwa yi-TriballFootball.com.
“Asiyicabangi eyokuba yizimfivilithi kodwa sigxile ekulungiseleleni ukuyobhekana neqembu elifinyelele kowamanqamu ngokwehlula amaqembu asezingeni eliphezulu anjengoPSG no-Atletico (Madrid).
IBorussia yiqembu elisezingeni eliphezulu. Ngakho-ke sikulungele ukuyobhekana nempi enzima njengoba kuyaye kwenzeke uma sidlala eyamanqamu alo mqhudelwano.”
U-Ancelotti (64) usengumakadebona ekunqobeni izicoco zeChampions League njengoba esenqobe lesi sicoco amahlandla amabili neMadrid, waphinde wasinqoba amahlandla amabili ne-AC Milan yase-Italy.
Ngaphandle kwalokho iMadrid yiyona esanqobe lesi sicoco kaningi ukwedlula wonke amaqembu emlandweni, isinqobe amahlandla angu-14.
Ngakolunye uhlangothi iDortmund yagcina ukunqoba lesi sicoco ngesizini ka-1996/97, iqeqeshwa wumqeqeshi ongakaze asinqobe lesi sicoco, u-Edin Terzic (41).
UTerzic uthathe izintambo zokuqeqesha kwiDortmund ngesizini edlule, usethubeni lokuziqophela umlando ngokuqeda isomiso seminyaka sokunganqobi kwaleli qembu isicoco seChampions League.