OMUNYE wabaqeqeshi beDondol Stars, uVincent Rammoni, uchazwa ukuqubisa kwamaqembu esigaba esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika ngokuzikhombela kubadlali bakhe ngoba lokhu kumnika ithuba elikahle lokuhlelela umjaho wecicoco awuchaze njengolukhuni satshe.
IDondol ingelinye iqembu okukhulunywa ngalo kubathandi bebhola kuleli kulandela ukuwashisa ijezi amaqembu adlala kwiDStv Premiership esidlale nawo kwiNebank Cup.
Iqale yaguqisa iSuperSport United kwi-Last 32, yalandelisa ngaMaZulu FC kwi-Last 16. Isilinde ukubhekana ne-Orlando Pirates kuma-quarterfinal olungakakhishwa usuku lomdlalo.
Esigabeni edlala kusona iDondol, okuyi-ABC Motsepe League, eGauteng, isembangweni wesicoco. Ukusidla kungasho ukungena emidlalweni kazwelonke ezokhipha amaqembu amabili azokhushulelwa esigabeni seMotsepe Foundation Championship.
Kujwayelekile ebholeni laseNingizimu Afrika ukuthi uma iqembu eliqhamuka emaligini ama-amesha likhombise izimpawu zokuqhakaza, aqale amaqembu ePSL, ukulizungeza ngoba efuna ithalente elisha.
Lokhu bekungamhleli kahle uRammoni ngesikhathi beqala begqama kwiNedbank.
“Iqiniso ukuthi ngibheke okwenzeka enkundleni kuphela kodwa ukuthi kukhona esengike ngakuzwa ngeqembu lePSL elifuna umdlali wethu, ngabe ngikhuluma iphutha,” kusho uRammoni.
“Akungatshazwa ukuthi ukwenza kahle kwethu kwiNedbank bekuzosidonsela amehlo obekuzolandelwa amaqembu asezigabeni ezingcono abone abadlali kodwa sisenenhlanhla ngoba lokhu akukenzeki kithina okwamanje.”
Lo mqeqeshi othi usewujahile umdlalo wabo nePirates, uyakujabulela lokhu ngoba abadlali bakhe bazogxila kokuphambi kwabo, hhayi abakuthenjiswa amaqembu athathwa njengamakhulu.
“Unzima ngendlela emangalisayo umbango wesicoco kangangokuthi mane amaqembu asengaqeda phezulu ngakho-ke bonke abadlali bami ngibadinga besemqondweni wokunqoba imidlalo.
“Ngeke ngidlale ngabafana ngithi bangazicabangi ukuthi impilo yabo ingashintsha kanjani uma bengathola amadlelo aluhlaza kodwa kusathule okwamanje okunginika ithuba elikahle lokubhekana nesimo esibhekene naso eligini yethu,” kusho uRammoni.