ISITOBHA seChippa United, uTrevor Mathiane, sisonga 'ngokuvalela ebhodleleni' umgadli omusha weKaizer Chiefs uBonfils-Caleb Bimenyimana oseyingundabamlonyeni kwiDStv Premiership.
IChippa izogadulisana neChiefs emdlalweni wePremiership eMoses Mabhida Stadium eThekwini, ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama. Umdlalo ungemunye wedlalwa eThekwini ngaMakhosi ngokwesivumelwano sawo nabeMabhida.
Abalandeli bebhola baseThekwini bazombona okokuqala uBimenyimana waseBurundi, oseshaye amagoli ayisithupha eMzansi. Ngempelasonto edlule ushaye phakathi amaphenathi amathathu ngesikhathi iChiefs ithela othulini iStellenbosch ngo 3-1 koweligi eKapa. Bekuqala ukuthi umdlali ashaye amaphenathi amathathu emdlalweni owodwa, ngaphansi kwePremier Soccer League.
UMathiane, oyibamba maphakathi emuva kwiChilli Boys, uthe umfuna esitikini uBimenyimana.
"Angisakwazi ukulinda ukuhlala kuyena izithonto uBimenyimana. Ngiyabona ukuthi ushaya phakathi amaphenathi. Sizombona kahle. Siyazi ukuthi bonke abalandeli bazobe bemeseka kodwa uma kuhamba isikhathi engenzi lutho bazomjikela. Kade sihlezi thina singadlali, simbuka uBimenyimana edlala emidlalweni emithathu sinoRoscoe (Peterson). Siyixoxile kakhulu indaba yakhe futhi siyakwazi okufanele sikwenze," kusho uMathiane.
IChippa igcine ukungena enkundleni ngo-Okthoba 17 yehlula iMarumo Gallants ngo 1-0 koweligi. Ngaphambi kwalokho ibuye namaphuzu agcwele kuMaZulu eThekwini. Kule midlalo kade kuhlezi ebhentshini uMorgan Mammila, othathe umsebenzi wokuqeqesha ngemuva kokukhonjwa indlela kukaDaine Klate. UMammila uqeqesha ngokubambisana noSiyabulela Gwambi obeyiphini likaKlate. IChilli Boys isendaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu angu-11 emuva kwemidlalo eyisishiyagalolunye.
UMathiane ukhale ngokuhlala isikhathi eside bengadlali.
"Akusiphazamisanga ukushintsha kwabaqeqeshi. Okwamanje iqembu lenza kahle kwazise siyiwinile imidlalo yethu yakamuva. Kodwa kusibulele ukuhlala inyanga yonke singadlali. Lapha eBhayi awekho amaqembu asesigabeni sethu esingadlala nawo imidlalo yobungani. Sigcine sesidlala namaqembu akwi-ABC Motsepe League. Yilokho okuzoba yinselelo kakhulu ngokudlala neChiefs. Kodwa kuzofanele sisebenze. IChiefs yenza kahle kulezi zinsuku futhi ibukeka isiwubambile umgqigqo. Kodwa kuyasiphoqa ukuthi siwine ngoba amaqembu angezansi kwethu kwi-log ayawina. Asifuni ukumataniswa nezembe kule sizini," kusho uMathiane.
IChiefs izongena emdlalweni isinqobe emithathu edlule yeligi, okuyikhuphulele endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-17.