UMQEQESHI weChippa United, uMorgan Mammila, ubhuqe abaqeqeshi abanezicucu yena angenazo ngokuthi bambuka izithende kwi-log yeDStv Premiership yize ekhale ngaphansi kwiMamelodi Sundowns ngoLwesibili ebusuku eLoftus Versveld.
Lesi sikhulu sebhola esesiphenduke umqeqeshi besikhuluma esithangamini nabezindaba emuva kokushaywa iSundowns ngo 2-1.
UMammila akagcinanga ngokuthi akekho umqeqeshi ongenza umsebenzi ongcono kwiChippa kunaye ngoba izibalo ziyamfakazela.
Ngesikhathi uMammila ethatha izintambo kuDaine Klate, uqale ngamawini amane kulandelana kodwa imiphumela yakamuva iyamphika kwazise, kwemihlanu, useshaywe kwemithathu wadlala ngokulingana kwemibili.
Umlando ukhomba ukuthi lolu hlobo lwefomu luvamise ukulandelwa ukuxoshwa komqeqeshi kwiChippa kodwa uMammila uthe yena uvunwa yizibalo.
“Nina abezindaba kufanele niqinise ekubhekeni izibalo ngoba zivamise ukuzikhulumela zona. Abaqeqeshi abaqhakanjiswa ngokuthi banezicucu ezinkulu (Pro Licence) badonsa kanzima emaqenjini abo kumanje,” kusho uMammila.
“Hambani niyobheka kahle izibalo zenu ukuze nibone ukuthi abaqeqeshi becicucu ezinkulu (Pro License) bayangilandela kwi-log,” kuqhuba lo mqeqeshi kwabezindaba.
Indaba yezicucu zabaqeqeshi ike yaba sematheni ngasekupheleni konyaka odlule lapho imithetho yeCaf ivimbe abaqeqeshi abahlonishwayo kuleli ukuba bahlale ebhhentshini emidlalweni yayo (Caf) ngoba bengenazo izicucu ezifanele.
Negama likaMammila beliphezulu njengoba ethathe umsebenzi kwiChippa engakaze aqeqeshe ndawo phambilini.
Akazange aphike ukuthi ubeshilo ukuthi vele iSundowns idlala ngendlela eyodwa ngaphambi komdlalo.
“Ngizwile ukuthi ngigxekiwe ngokuthi ngithe, iSundowns ayiyishintshi indlela yokudlala kodwa nanamuhla kwenzeke lokhu ebesivele sazi ukuthi kuzokwenzeka.
“Ukube iSundowns asizange siyinike amagoli amabili ingazange iwasebenzele ngabe siyishayile kwazise besazi ukuthi esiwombeni sesibili ibingeke ikwazi ukusimela uma sesiza ngamandla.
“Ngabe ngenza iphutha uma ngidla amandla abaqeqeshi beSundowns ngomsebenzi omuhle abawenzayo ngoba uma ubheka kunabadlali abebedlalela amaqembu avika ukugencwa izembe kodwa asebephenduke izinkunzi njengoKhuliso (Mudau) kwiBlack Leopards noMothobi (Mvala) noPeter (Shalulile) bebelwa izimpi zezembe neHighlands Park.
“Ngeke ngiyidlele umona, idlala kahle iSundowns ngoba futhi iqeqeshwa kahle kodwa lokhu akusho ukuthi ayishayeki kumbe isivele ihambe naso isicoco seligi,” kusho uMammila.
NgoMgqibelo iChippa izokwamukela iCape Town City koweligi eNelson Mandela Bay Stadium ngo-5.30 ntambama.