UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, ubonge “Inkosi yebhola” uJomo Sono ebhonga emswanini ngenkakha yaseBrazil emuva kokuba ezakhe zivale unyaka (u-2022) ngokunquma iLamontville Goldne Arrows ngo 2-0 ngolwandulela uNyuyezi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Amagoli eChiefs ashaywe nguBonfils Bimenyimana no-Edmilson Dove ngesiwombe sokuqala.
Lokhu kuvulele abadlali abafana noMduduzi Shabalala noKgaogelo Sekgota ukuba bachwazise inhlwele ngeminyakazo yemijiko ngesiwombe sesibili.
@DStvPRE @goldenarrowsfc1 0-2 @KaizerChiefs @MosesMabhidaStadium #Dec31Fixture @IsolezweNews pic.twitter.com/xFm4MUWrbG
— Malibongwe Mdletshe (@Malbingo) December 31, 2022
UZwane akagcini nje ngokukhiqiza abadlali abapjhambili kwiChiefs kodwa futhi usemlandweni ngokuba ngumdlali waseNingizimu Afrika odlale kwiSantos, eBrazil.
KwiSantos yilapho kuchume khona uPele`, inkakha yebhola lomhlaba ezalwa kuleliya lizwe edlule emhlabeni ngezinsuku zokugcina zika-2022.
“EBrazil ngithathwe nguPele`, ngisebenze nabantu abaningi okubalwa kubo noMarzinho, noMarcos Falopa oseke waba ngumqondisi wamaqhinga,” kusho uZwane.
https://web.facebook.com/reel/1208735819764042“Nguye (uFallopa) owangihlangabeza esikhumulweni sezindiza. Ubesebenzela uPele`, nowangisiza ngabona okuningi ngebhola ngalesiya sikhathi.
“Kukho konke kodwa ngifisa ukubonga uBraJ, uJomo Son ngokungiwezela kulawo madlelo. Ngibonga kakhulu.”
#PeleDidItFirst https://t.co/68DR6F4AmY
— Malibongwe Mdletshe (@Malbingo) December 27, 2022
Abalandeli bebhola eBrazil baphume ngobuningi babo ukuthamela inkonzo yomngcwabo wale nkakha edolobheni lakubo eSantos namuhla.