UMQEQESHI weKaizer Chiefs kwiDStv Diski Challenge, uVela Khumalo, ubalisa ngamaqembu eDStv Premiership athi acathamela abadlali bakhe afuna ukuwina ngabo iligi ekupheleni kwesizini.
IChiefs isendaweni yesibili kwi-log yeDiski ngamaphuzu angu-13 emuva kwemidlalo eyisithupha. Yehliswe esicongweni yiMamelodi Sundowns ekhale ngaphansi kuyona ngempelasonto edlule.
AmaBrazilians aseqhulwini ngamaphuzu angu-14 emuva kwemidlalo eyisithupha. Emasontweni adlule, uKhumalo obanjiswe neqembu lesizwe lika-Under 15, uphumele obala ngokuthi bafuna ukuwina iligi yeDiski kule sizini futhi bazimisele ukuyisebenzela benabadlali bakhe.
Izolo, utshele leli phephandaba ukuthi emuva komdlalo neSundowns eTsakane Stadium, kukhona amaqembu asefake izicelo kubaphathi mayelana nabadlali abathize. Kulaba badlali kukhona ukaputeni u-Omega Mdaka waseMpangeni odlala emuva kwesokunxele noPuso Dithejane oyibamba emuva kwesokudla. Bobabili laba badlala eqenjini lesizwe lika-Under 20.
"Kukhona amaqembu abafunayo laba bafana futhi abafunela ukubadlalisa kwiPremiership, hhayi ngisho kwiDiski. Emuva komdlalo neSundowns akhulumile nathi kodwa ngawatshela ukuthi asenze izinto ngendlela elungile. Asezifakile izicelo ngokusemthethweni eqenjini. Uma iqembu linqaba nabo lokho kuzosho ukuthi lizoqhubeka iphupho lethu lokuwina iligi yeDiski. Uma livuma kuzosho ukuthi sizoqala phansi sakhe iqembu," kusho uKhumalo.
Uma iChiefs igcina ibadayisile noma ibabolekisile laba badlali, bazolandela inqwaba yabakhulele eNaturena kodwa asebedlala amanye amaqembu kwiPremiership okubalwa kubona uDarrel Matsheke osanda kusayina kwiStellenbosch FC eKapa.
Umkhankaso wamaphuzu weChiefs uzoqhubeka kusasa uma isivakashela iMoroka Swallows eDobsonville Stadium, eSoweto ngo-10 ekuseni. Uma iwina, isethubeni lokubuyela esicongweni se-log. Kodwa lokho kuzoncika kokuzokwenzeka phakathi kweSundowns nePolokwane City eLucas Moripe Stadium.
"Sidinga amaphuzu amathathu. Akukho okunye. Kufanele siqhubekele phambili. Ayingikhathazi eyeSundowns. Sidlalile nayo futhi usekhona umzuliswano wesibili," kusho uKhumalo.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
Kusasa - Ngo-10am: Chippa United v Royal AM (Wolfson Stadium); Mamelodi Sundowns v Polokwane City (Lucas Moripe Stadium); Orlando Pirates v Sekhukhune United (AW Muller); Richards Bay v Stellenbosch (Sugar Ray Zulu Stadium).
Ngo-12pm: Moroka Swallows v Kaizer Chiefs (Dobsonville Stadium).
NgeSonto - Ngo-10am: Cape Town City v SuperSport United (Malta Park); Cape Town Spurs v Golden Arrows (UWC Stadium).
Ngo-12pm: AmaZulu v TS Galaxy (Chatsworth Stadium).