UMQEQESHI weCasric Stars FC, uJoseph Mthombeni, usale nenhliziyo ebuhlungu ngenxa yalokhu akuchaze ngezimpawu zokulahla ithemba kwabadlali bakhe kulandela ukugudluzwa yiCape Town Spurs esicongweni se-log yeMotsepe Foundation Championship.
ICasric okufikwe emidlalweni yangempelasonto iqhwakele kwi-log, ilahle amaphuzu ibanjelwa ekhaya ngo-1-1 yiVenda Football Academy ngeSonto eSolomon Mahlangu Stadium, KwaMhlanga, eMpumalanga.
Emdlalweni obekuphume nesinedolo kuwona kwazise iCasric ibimelwe ukunqoba bese kusala owokugcina ekuhambeni ne-All Stars FC ngeSonto.
Iqembu lasekhaya lizithole selilandela ngemuva umdlalo ungakafiki ngisho emizuzwini engu-20, labhukula laze lalinganisa kodwa lagcina lihlulekile ukuthola igoli ebelizolibuyisela esicongweni.
Kwenzeka konke lokhu nje, iSpurs inqobe ngo-2-1 nakhona sekuvalwe amehlo kwiNB La Masia FC. Lo mphumela ubeke ezikaShaun Bartlett esicongweni ngaphambi kwemidlao yokugcina. Seziqhwakele ngamaphuzu awu-56. ICasric inawu-55 endaweni yesibili bese kuba iPolokwane City kweyesithathu ngawu-54.
Iqembu elizoqeda liqhwakele lizokhuphukela kwiDStv Premiership ngesizini ezayo. Elesibili nelesithathu lizodlala kweyokuhlunga neqembu elizoqeda kunombolo-15 kwiPremiership.
Ekupheleni komdlalo, KwaMhlanga, abadlali beCasric obekukhombisa sengathi sebezwile ukuthi kwenzekeni eDobsonville Stadium (koweSpurs neLa Masia), balale izingingqane phansi abanye bekhihla isililo obekuyinto efanayo nakubalandeli.
UMthombeni obekhuluma kwiSuperSport emuva komdlalo, uxolisile kubalandeli kodwa wakhala ngabadlali bakhe athe bakhombisa izimpawu zokulahla ithemba ekubeni usekhona omunye umdlalo.
“Okusobala ukuthi kuleli sonto kumele ngisebenze ngezingqondo zabadlali ngoba engikubone emuva komdlalo kungizwise ubuhlungu,” kusho uMthombeni.
“Ngokwami, asikho isidingo sokulahla ithemba ngoba akekho owaziyo ukuthi kuzokwenzekani emidlalweni yokugcina.
“Engithanda ukukubalula ukuthi sicela uxolo kubantu baKwaMhlanga ngokubenzela phansi bephume ngobuningi babo. Nakubona ngiyalishumayela leli vangeli lokuthi asingalilahli ithemba.
“Unobhutshuzwayo unedlela yawo yokunika umvuzo kwabafanele ngakho-ke kusengenzeka kube ithina esijabuyalo ekugcineni. Asiye kulo mdlalo wokugcina ngethemba.
“Kunzima kweyokuhlunga. Angiyifuni indaba yayo kodwa uma kufanele siye kuyona kuyobe kuyisikhathi sethu futhi nakhona akekho ongaphika ukuthi singafika siphumelele, yinqobo nje uma sizoya ngokuzethemba, hhayi amakhanda ebheke phansi,” kuphetha uMthombeni.
ISpurs isonga ngokwamukela i-University of Pretoria kanti iPolokwane City nayo esembangweni wesicoco iqeda nePretoria Callies ekhaya kwezodlalwa ngesikhatthi esisodwa ngeSonto ngo-3 ntambama.