UBUYE ngegoli ekumisweni umgadli weBafana Bafana, uLyle Foster, esiza iqembu lakhe iBurnley, ukuthi linqobe okokuqala ngoLwesibili ebusuku kwiPremier League kule sizini, lithela phansi iLuton Town ngo 2-1.
UFoster wakhishwa ngekhadi elibomvu ngenyanga edlule esolwa ngokushaya uRyan Yates weNottingham Forrest, ngendololwane esifubeni. Waphuthwa yimidlalo emithathu. Ngesikhathi esamisiwe iClarets iguqiswe yiManchester United, neNewcastle United koweligi, yanqoba iSalford City koweCarabao Cup.
Lo mgadli osezakhele ugazi kubalandeli beBurnley, ubeke iqembu likaVincent Kompany phambili ngesiwombe sokuqala, iLuton yalinganisa ngelika-Elijah Adebayo kwesesibili, ngaphambi kokuthi uJacob Bruun Larsen, ashayele iBurnley elokunqoba ngomzuzu ka-85.
“USander (Berge) ungiphasele kahle ibhola, ngakwazi ukulilawula, ngase ngibheka ukuthi ngilidlulise kunozinti. Ngijabule ngokuthola igoli kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi iqembu lithole amaphuzu amathathu,” kusho uFoster ekhasini leqembu lakhe kwiYouTube.
“Kusho lukhulu ukuthola iwini yethu yokuqala kwiPremier League futhi ngiyethemba ukuthi sizoqhubeka nokuthola imiphumela emihle.Iqembu beliwudinga lo mphumela. Senze kahle ekuqaleni kwesizini yize sidlale imidlalo enzima.
“Sikwazile ukuzibonakalisa sibhekene namaqembu amakhulu kodwa besiwudinga lo mphumela ukuze kuphuke izinga lokuzethemba njengoba sizobhekana neChelsea ngempelasonto. Ngiyethemba ukuthi sizophinde silinyuse izinga ukuze siye ekhefini sinomfutho omuhle.”
Ukunqoba kweBurnley kusho ukuthi iBournemouth neSheffield United yiwona kuphela amaqembu angakanqobi kwiPremier League kule sizini. Umdlalo weClarets olandelayo oweligi neChelsea ekhaya ngoMgqibelo ntambama.
UFoster uphinde wanconywa ngumqeqeshi wakhe obevele eshilo ngaphambi komdlalo ukuthi ukubheke ngabomvu ukubuya kwalo mgadli weBafana Bafana osehlohle amagoli amathathu emidlalweni emihlanu yeligi.
“ULyle ube nomthelela omkhulu eqenjini lethu kule sizini. Njalo uma edlala ubukeka njengomuntu okwaziyo ukushaya igoli. Nginesiqiniseko sokuthi uma ebuka lo mdlalo uzobona ukuthi usendleleni yokuba ngumgadli osezingeni eliphezulu kule ligi.”
Ukuqala kahle kukaFoster kwiPremier League kudale isasasa kubalandeli bebhola baseNingizimu Afrika asebekholwa wukuthi angaba umgadli wakuleli ongavelela kule ligi.
UBenni McCarthy washayela iBlackburn Rovers amagoli angu-37 kwiPremier League, uShaun Bartlett wabhakuzisa inethi amahlandla angu-24 ngesikhathi egijima kwiCharlton Athletic.