UHLOSE ukudambisa ulaka lwabalandeli ngokubuya namaphuzu aphelele uma sebebhekene neSekhukhune United, uJose Riveiro, ocija i-Orlando Pirates.
IPirates izodudulana neSekhukhune koweDStv Premiership e-Orlando Stadium ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku, ngemuva kokuwashiswa ijezi yiRichards Bay FC kwiCarling Black Label Knockout ngempelasonto.
Ingxenye yabalandeli baleli qembu ibiwotha ubomvu ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukukhishwa kwalo ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama. Umdlalo ubuphele zibambene ngo 0-0.
EzikaMagebhula ziye kulo mdlalo womkhumulajezi zifuna ukuzikhotha amanxeba ngemuva kokushaywa yiCape Town Spurs ngo 2-1 koweDStv Premiership phakathi nesonto eledlule.
Ukuhlulwa yiSpurs kuchaza ukuthi sezidlale imidlalo emine yeligi ilandelana zingawini. Sezisendaweni ka-13 ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni eyisishiyagalombili.
Abanye babalandeli abebelindele ukuthi leli qembu liqhubeke nokwenza kahle emiqhudelwaneni yomkhumulajezi, liphinde linombele kwi-log bakhombise ukungenami kwabo ezinkundleni zokuxhumana.
USimphiwe Shumi Mchunu uphawule kanje kwiFacebook: “Lo mqeqeshi selokhu nje afaka u-Evidence Makgopa eqenjini eliqalayo kwavele kwabheda kwi-Orlando Pirates, ayiphindanga yawina.”
USandla Camavinga Sitela naye ukhale ngendlela okuthakwa ngayo iqembu kwiTwitter, esiyaziwa ngeX: “Akufanele sibekezelele umbhedo. Kungani lo mqeqeshi engasamsebenzisi uDlamini (Kabelo)? NoNdlondlo (Ndabakayithethwa) usehlale esuka ebhentshini. La badlali yibona abebeshisa kusukela ngoJanuwari kwaze kwaphela isizini.”
U-Absa Mahlangu ukhombise ukungaluthakaseli uhlobo lwebhola oludlalwa amaBhakabhaka kule zinsuku.
“Umqeqeshi akabuyele eSpain ngoba iqembu alidlali ngisho uhlobo lwebhola lwaseSpain. Sidinga umqeqeshi ozotshela abadlali iqiniso ngoba abanye babo badlala into engekho, yena uyabavikela,” usho kanje.
Ebuzwa ngokuveva kwabalandeli ngemuva komdlalo uRiveiro, uthe: “Anginawo umbono ngemibono yabalandeli. Abalandeli bangabalandeli. Sihluliwe ngakho-ke kumele baphatheke kabi. Ngisho noma iqembu liwina abalandeli bayangisola ngokushiya umdlali othile ngifake omunye. Wonke umuntu unemibono ebholeni, ngisho nezintatheli imbala.
“Akukho engingakwenza ngalokho, into esingayenza ukuphumula kahle, sidle kahle bese sibuyelwa amandla ngoba ngoLwesibili kufanele silwe futhi. Kubaluleke kakhulu ngoba sidlalela amaphuzu amathathu, siyawadinga amaphuzu."
Lo mqeqeshi uthe akakhathali noma ngabe badlala kabi inqobo nje uma bezonqoba.
“Kumele sidlale umdlalo owodwa omubi kodwa siwunqobe, singadlali ibhola likanokusho, sigcine ibhola kodwa singawashayi amagoli. Kungcono sidlale kabi sinqobe, sicoshe amaphuzu amathathu, sithole umfutho ukuze siye kowomkhaya sizethemba.
“Asivamile ukwenza izinto ngaleyo ndlela kodwa kulokhu sifuna ukunqoba ngoba kubalulekile. Kubalulekile ukuze kubuyise ukuzethemba kubadlali nabalandeli bethu behlise umoya futhi bajabule ngathi. Kusobala ukuthi umdlalo olandelayo ubaluleke kakhulu kithina.”
Ngemuva kokubhekana noBabina Noko kusasa, iPirates izotholana phezulu nezimbangi zayo iKaizer Chiefs emdlalweni weligi eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.