OMUNYE wabaqeqeshi beRichards Bay FC, uVasili Manousakis, ubhoboke ngombandela abawunikwe usihlalo weqembu, uSifiso Biyela, wokuqinisekisa ukuthi noma kungenzekani kule sizini kodwa ukuhlenga igunya laleli qembu lokudlala kwiDStv Premiership, yikhona okuseqhulwini.
UManousakis ukuveze lokhu ekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu, emuva komdlalo abashaywe kuwona iMamelodi Sundowns ngo-2-0 eKing Zwelithini Stadium.
Yize iBay ikhale ngaphansi kulo mdlalo ethwale kuwona kanzima esiwombeni sokuqala kodwa yabuya ngamandla kwesesibili, indawo ehleli kuyona kwi-log ikhomba ukuthi ibalwa namaqembu asethubeni lokuqeda kwiTop 8.
Kuhluke kakhulu-ke nokho okufunwa usihlalo weBay kule sizini ngokusho kukaManousakis ofike kuleli qembu esuka kuMaZulu FC ayefike kuwona noBenni McCarthy.
IBay inamaphuzu angu-26 emidlalweni engu-15.
“Abantu abayikhiphe emqondweni le nto yokuthi sizofana neLeicester City edle isicoco e-England ingathishiwe ngoba namuhla kucacile ukuthi lingakanani igebe phakathi kwethu neqembu okuyilona elizoba ompetha,” kusho uManousakis.
“Sikowethu umjaho ngenhloso yokufika kumaphuzu angu-35 ngokushesha. Ayikho imfihlo ngalokhu. Kufanele nakanjani siqinisekise ukuthi igunya leqembu lokudlala esigabeni esikhulu siyaligcina. Usihlalo usibekele lowo mgomo kuphela. Akukho okunye.
“Uma sesikwenzile lokho sanethezeka, mhlawumbe sesingaqala-ke sizibheke ukuthi sikuphi ngokwemidlalo esele nangokwamaphuzu nokuthi yini enye esesingayizama.
“Kumasizini amane adlule, kuyaqapheleka ukuthi uma uqeda unamaphuzu angu-29 uyasinda ezembeni kodwa kulokhu kubukeke kungeke kwenzeke kanjalo ngoba kuminyene.
“Siyakholelwa ekutheni uma singahlanganisa amaphuzu angu-35 ngokushesha izinto zizobe seziqondile,” kusho yena.
Uyaziqhenya nokho uManousakis ngabadlali bakhe yize ethe baqale bakhombisa izimpawu zokuyesaba iSundowns.
“Sishaywe iqembu eliwehlula wonke ngakho-ke akukubi kangako ngoba sisashaywe kathathu kuphela emidlalweni yeligi engu-15.
“Okuhle ngalokhu kwehlulwa iSundowns ukuthi kuphinde kwasikhombisa ukuthi abadlali bethu bayalalela ngisho sekunzima njengoba siwatholile amathuba okulinganisa esiwombeni sesibili. Sikwenza lokhu nje, sibhekene neqembu elinganikani amathuba,” kuphetha uManousakis.