UXWAYISE iqembu lakhe ukuthi liqhubeke nokuzikhandla yize liqede ishobolo lokudlala inqwaba yemidlalo ilandelana linganqobi umqeqeshi weRichards Bay Fc, uKaitano Tembo.
INatal Rich Boyz inqobe iMoroka Swallows ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership obuseDobsonville Stadium, eGoli, ngesonto eledlule, yaqoqa amaphuzu amathathu okokuqala kule sizini.
Leli qembu bese lidlale imidlalo engu-19 yeligi (okubalwa neyangesizini edlule) lingayazi iwini. Ingu-20 isiyonke uma kubalwa nomdlalo weNedbank Cup lapho lakhishwa yiMamelodi Sundowns ngoFebhuwari.
Ngaphambi kokuhlula Izinyoni, laligcine ngokuhlula iMarumo Gallants ngo 2-0 koweligi ngoJanuwari 14.
Iqembu eliphethe irekhodi elibi lokudlala imidlalo eminingi lingawini kwiPremier Soccer League (PSL) yiMother City, eyadlala imidlalo engu-23 inganqobi ngesizini ka-1999/2000.
UTembo, othathe izintambo ekuqaleni kwesizini, uthe nakuba bengaqalanga kahle kodwa kumqinise idolo akubone emidlalweni emithathu abayidlale ngaphambi kokubhekana neSwallows.
“Emidlalweni emithathu edlule ngizibonile izimpawu ezinhle mayelana nendlela ebengifuna ukuthi iqembu lidlale ngayo uma simaka, indlela esigcina ngayo ibhola nendlela ebesihlasela ngayo. Besilokhu sithuthuka. Uma ngibheka emuva emidlalweni emibili yokuqala esiyidlale neSuperSport neGolden Arrows, bengibona sengathi luselude ukhalo ngaphambi kokuthi sinqobe umdlalo,” kusho uTembo.
“Lo mphumela uzobuyisa ukuzethemba eqenjini. Wehlise umthwalo kancane kodwa singabuyela emuva uma singajabula kuze kweqe. Kufanele sigxile emdlalweni olandelayo.”
INatal Rich Boyz isendaweni ka-15 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu amahlanu emidlalweni eyisithupha. Iphambili ngamaphuzu amahlanu kwiCape Town Spurs, engakacoshi nelokubika selokhu inyukele esigabeni esiphezulu ekuqaleni kwesizini.
EzikaTembo zizobe zibheke ukuqhubeka nokuqoqa amaphuzu uma sezidudulana neChippa United kolandelayo weligi eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, namuhla ngo-7.30 ebusuku.
“Ebholeni kunakwa umphumela wakho wakamuva ngakho kufanele sizame ukunqoba umdlalo wethu olandelayo. Sidlala neChippa United, okuwumdlalo omqoka kakhulu. Uma singanqoba imidlalo emithathu singakwazi ukuzisusa kule ndawo esikuyo,” ubeke kanje lo mqeqeshi.
“Akukho okushintshile. Sisesendaweni yesibili ukusuka emsileni, ngakho sisawadinga amanye amaphuzu. Nakuba ukushaya iSwallows kuwumphumela omuhle kodwa usifaka nengcindezi yokuthi sinqobe olandelayo.”
IChilli Boys izongena emdlalweni wakusasa ibheke ukuzikhotha amanxeba ngemuva kokuthelwa phansi yiRoyal AM ngo 3-2 emdlalweni wayo wokugcina weligi.