UBONE okuthile okumchazile umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola labesifazane, uDesiree Ellis, yize liguqiswe yiSerbia ngo-3-2 emdlalweni wobungani eStara Pazova, ngoMsombuluko ntambama.
Iqembu lasekhaya beselihamba phambili ngo-3-0 ngomzuzu ka-22. IBanyana izamile ukubuywa emdlalweni ngamagoli ashaywe uHildah Magaia ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini, nelikaJermaine Seoposenwe esiwombeni sesibili.
ISerbia ikleliswe endaweni ka-35 emhlabeni kanti ezika-Ellis zisendaweni ka-54. Lo mdlalo ubuyingxenye yamalungiselelo eBanyana eNdebe yoMhlaba ezodlalelwa e-Australia naseNew Zealand, kusukela ngoJulayi.
“Ngicabanga ukuthi emizuzwini engu-15 yokuqala ngesikhathi bethola wonke lawo ma-freekick namakhona besingahlelekile. Besingenza kangcono kulezo zimo. Ngemuva kwalokho besiwuphethe umdlalo. Sithole ithuba elilodwa noma amabili esingawasebenzisanga,” kusho u-Ellis.
“Sibe sesithola elinye salibeka phakathi, kwayiwa ekhefini behamba phambili ngo-3-1, kodwa ngaphambi kwalokho ngicabanga ukuthi besiwulawula umdlalo. Besingcono ngesiwombe sesibili, ibhola besiliphasa ngokushesha. Sithole elinye ithuba uJermaine walibeka enethini. Asikwazanga ukuthola igoli lokulinganisa kodwa kukhona esikufezile kulo mdlalo.
“Bekungewona umphumela ebesiwufuna, kumele sibuyele emuva sibheke ukuthi singavala kanjani kangcono emuva. Ngingathanda ukubhekisisa kahle ukuthi yini engisayenzanga kahle ngesikhathi bethola amagoli ngoba besivala kahle uma ibhola lidlalwa phakathi kodwa sihluleke kumakhona nama-freekick.”
Izolo e-Australia naseNew Zealand bekunemicimbi yokugubha ukuthi sekusele izinsuku ezingu-100 kuqale imidlalo yeNdebe yoMhlaba. IBanyana izoqala kuGroup G neSweden, Italy ne-Argentina. Izobe ibheke ukwenza kangcono kuneNdebe yoMhlaba ka-2019, lapho yadliwa khona kuyona yomithathu imidlalo yamaqoqo.
U-Ellis ukujabulele ukubona abadlali belandela eminye yemiyalelo ababanike yona ekhempini.
“Kukhona okusamele sikulungise ngoba sifuna ukuba sezingeni eliphezulu eNdebeni yoMhlaba.
“Asizange sikhombise ikhono lokulwa kuphela kodwa sikhombisile ukuthi siyakwazi ukudlala. Sakhe inqwaba yamathuba, sabafaka ngaphansi kwengcindezi. Bekubalulekile ukubona abadlali belandela esibafundise khona emasontweni amabili edlule,” kuphetha u-Ellis.