UNETHEMBA lokuthi iqembu lakhe lizobonana kangcono emdlalweni wesibili wobungani neSenegal kusasa ntambama umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola labesifazane, uDesiree Ellis.
IBanyana neTeranga Lionesses bazophinde batholane phezulu eStade Lat Dior edolobheni iThies, eSenegal, kusasa ngoLwesibili ngo-7 ebusuku kulandela umdlalo ophele zibambene ngo 1-1 enkundleni efanayo ngoMgqibelo ebusuku.
Kulo mdlalo iqembu lakuleli lihambe phambili ngomzuzu ka-67 ngegoli elivalelwe nguNthabiseng Majiya, osokhaya balinganisa ngephenathi eshaywe nguMbayang Sow umdlalo usuyophela.
U-Ellis uthe ukufaka inqwaba yabadlali abangajwayele ukudlala nokungabi nesikhathi esanele sokulungiselela umdlalo kube nomthelela ekutheni iqembu lakhe lingahlangani kahle enkundleni.
Nokho unethemba lokuthi lizobuya nokungcono kowesibili.
“Besiliphethe ibhola esiwombeni sokuqala kodwa sihluleka ukufinyelela phambili. Isikhathi esiningi sisichithe ezindaweni ezingeyona ingozi. Ibingekho iminyakazo efanele phambili, nokuholele ekutheni sishintshe indlela ebesizihlele ngayo ngesikhathi sesiqala isiwombe sesibili,” kusho u-Ellis ethimbeni leSafa labezindaba ngemuva komdlalo.
“Siwatholile amathuba angcono kodwa sangawasebenzisa. Ngemuva kokuthola igoli asivalanga ngendlela obekufanele sivale ngayo emuva. Angigculisekile ngephenathi abayitholile. Yize ngisazoyibukisisa kodwa angikholwa wukuthi bekufanele kube yiphenathi.”
U-Ellis uthe basazoqhubeka nabahlose ukukufeza ngale midlalo yobungani kwiWomen’s Africa Cup of Nations nakweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
“Sisazoqhubeka sidlale ngendlela efanayo ngoba iyona esisebenzelayo. Ngeke sishintshe ngoba iyahambisana nohlobo lwabadlali esinabo. Sizilolonge kanye siphelele ngenxa yokuthi abadlali abasuka phesheya sihlangane nabo sifika eSenegal. Ekhaya sijime kabili nalaba abebekhona,” uchaze kanje.
“Sinabadlali abasebasha eqenjini ngakho-ke kuzothatha isikhathi ukuthi bajwayele ukuthi sifuna badlale kanjani. Besivele silindele ukuthi kukhona ukuhlakazeka okuzoba khona kodwa iqembu lizoya ngokuya lithuthuka uma abadlali sebeqala ukuqonda ukuthi yini okufanele bayenze.
“Le midlalo eyokulungiselela eminye emqoka ezayo. Sesiyazi ukuthi singalindelani kubadlali abanamava njengoThembi Kgatlana, Jermaine Seoposenwe, Hildah Magaia nabanye kodwa kumqoka ukuthi sibheke nabanye,” kuphetha yena.