Ukaputeni weBanyana Banyana, uLebohang Ramalepe, ukhale ngezinqumo ezingabavunanga ezenziwe ngunompempe ngesikhathi benqontshwa yiJamaica ngo 3-2 emdlalweni wesibili wobungani obuseMontego Bay ngoLwesibili ekuseni.
Iqembu lakuleli lingene kulo mdlalo libheke ukubuyisa izinduku kulandela ukuxetshulwa yiReggae Girlz ngo 3-0 kowokuqala wobungani odlalelwe enkundleni efanayo ngoMgqibelo edlule.
Kulokhu iqembu likaDesiree Ellis liwuqale kahle umdlalo, liphaselana kahle esiswini. Lokhu kuholele ekutheni kube yilona eliyibhakuzisa kuqala inethi ngeshodi likaLinda Motlhalo ngomzuzu ka-19, kwayiwa ekhefini lihamba phambili ngo 1-0.
UVyan Sampson ushayele iqembu lasekhaya igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-58, elesibili lashaywa nguDrew Spence ngoka-63, elesithathu laqhamuka kuKayla McKenna ngoka-76.
Kuthe usuyophela umdlalo, u-Amogelang Motau washayela iBanyana igoli lesibili, kodwa besingasekho isikhathi sokuthi ithole elokulinganisa, iJamaica yanqoba ngo 3-2.
Okususe umsindo enkundleni kube yigoli lesibili leJamaica lapho kubonakale khona sengathi uSpence ulithinte ngesandla ibhola ngaphambi kokuthi alibeke enethini.
“Sizame ngakho konke okusemandleni ethu kodwa ngibona sengathi unompempe uwonile umdlalo. Ukube akakwenzanga lokho ngabe sikhuluma okuhlukile. Ngiyaziqhenya ngeqembu. Sizinikele ngokuphelele futhi salwa kwaze kwaba sekugcineni,” kusho uRamalepe.
“Besihlangene kangcono. Emdlalweni odlule asikwazanga ukushaya nelokubika igoli kodwa kulokhu sikwazile ukuthola amabili. Lokho kukhombisile ukuthi besizimisele ngesikhathi sizilolonga ukuqinisekisa ukuthi siyawasebenzisa amathuba esiwatholayo.”
Lena bekuyimidlalo yokugcina yeBanyana kulo nyaka. Izobuyela enkundleni ngonyaka ozayo lapho izoqinisa khona amalungiselelo eWomen’s Africa Cup of Nations ezobanjelwa eMorocco ngoJulayi.