UYIBONA izoba wusizo olukhulu imidlalo emibili yobungani abazoyidlala ne-United States of America umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola labesifazane lakuleli, uDesiree Ellis.
IBanyana Banyana izobhekana neStars and Stripes eTQL Stadium, eCincinnati, kusasa ngo 1.30 ezintathakusa.
La maqembu azophinde atholane phezulu eSoldier Field, eChicago, ngeSonto ngo 11.30 ebusuku.
Nakuba womabili ephume kwiLast 16 eNdebeni yoMhlaba ebibanjelwe e-Australia naseNew Zealand ngoJulayi kuya ku-Agasti, mkhulu umehluko uma ubheka umlando wawo nezindawo akleliswe kuzona emhlabeni.
I-United States isendaweni yesithathu, iBanyana isikhuphuke yayohlala endaweni ka-45.
I-USA ingelinye lamaqembu ahlonishwa kakhulu emhlabeni ebholeni labesifazane. Seyibe ngompetha bomhlaba amahlandla amane (ngo-1991, 1999, 2015, nango- 2019), yathola izindondo zegolide kane kuma-Olympic (ngo-1996, 2004, 2008 nango- 2012) yaphinde yaba ngompetha bezwekazi ngokudla isicoco seCONCACAF amahlandla ayisishiyagalombili.
“Besazi ukuthi le midlalo izosheshe ifike ngemuva kweNdebe yoMhlaba. Iligi ibisadlalwe amasonto amabili kuphela, ngakho sihambe nabadlali abebedlala njalo kwadingeka nokuthi sivale izindawo zalaba abalimele,” kusho u-Ellis.
“Sekuyithuba labadlali esibalethile ukuthi baphakamise izandla bakhombise abangakwenza. Sihlale sithi abadlali abangenayo kumele bazibonakalise ukuze sazi ukuthi singaqhubeka nabo noma cha. Siyafuna ukuthola umphumela omuhle kodwa futhi sifuna nokuhlola abadlali.
“Imidlalo yokuhlungela ama-Olympic okumele siyidlale ngo-Okthoba ayikude emiqondweni yethu kodwa sinale midlalo emibili emihle ezosivivinya. ENdebeni yoMhlaba sibe namathuba amaningi kodwa sangawasebenzisa futhi sidinga nokuvala kangcono emuva.”
IBanyana inabadlali abangu-21 ekhempini yayo e-USA kulandela ukuhoxa kwabanye ngaphambi kokuthi iqembu lifulathele elakuleli.
UHildah Magaia uhoxiswe ngenxa yezizathu zempilo, uSibulele Holweni ulimele kanti uNoko Matlou ube nenkinga yamaphepha amgunyaza ukuthi angene e-USA.
Kulaba badlali abathathu nguMatlou kuphela okuvalwe isikhala sakhe ngoFiath Nokuthula odlalela iBlackburn Rovers yase-England.