UMQEQESHI weqembu lesizwe iBanyana Banyana, uDesiree Ellis, ubona bekufezile konke abebekuhlosile ngohambo lwaseSenegal.
Iqembu lakuleli lidlale imidlalo emibili neSenegal eStade Lat Dior, edolobheni iThies.
Owokuqala waphela zibambene ngo 1-1 ngoMgqibelo, owesibili wanqotshwa yiBanyana ngo 2-0 ngoLwesibili ebusuku.
Ekupheleni komdlalo wokuvula, lapho iBanyana yahamba phambili khona ngegoli likaNthabiseng Majiya, ngaphambi kokuthi osokhaya balinganise ngephenathi umdlalo usuyophela, u-Ellis wathi bawabonile amaphutha okufanele bawalungise.
Iqembu lakhe libuye selingcono emdlalweni wesibili lapho u-Amogelang Motau asheshe alishayela khona igoli esiwombeni sokuqala, uNoxolo Cesane wengeza elinye sekuzoyiwa ekhefini.
Nakuba lingawashayanga amanye amagoli kwesesibili kodwa belisawuphethe umdlalo futhi unozinti uKaylin Swart akudingekanga ukuthi avimbe amabhola amaningi ayingozi.
“Ngesikhathi sihlaziya umdlalo wokuqala siphoxekile ngoba besikholwa wukuthi singenza okungcono. Sibonile ukuthi uma singaphaselana ibhola ngokushesha singakwazi ukwakha inqwaba yamathuba,” kusho u-Ellis ethimbeni leSafa labezindaba.
“Sikwenzile lokho emdlalweni wesibili. Umdlalo siwulawule uqala waze wayophela. Kuyangijabulisa lokho ngoba abadlali basebenze ngokuzikhandla kule zinsuku ezimbili belungisa okungahambanga kahle emdlalweni wokuqala.
“Ngifuna nokuncoma ithimba labaqeqeshi ngokuhlanganisa iqhinga elifanele. Umdlalo awupheleli enkundleni kodwa kuningi okwenziwa ngaphandle kwayo. Sinabahlaziyi nabaqeqeshi abehlukene abafaka imibono yabo, bese lonke ulwazi ludluliselwa kubadlali.”
Kulo nyaka iBanyana isidlale imidlalo eyisithupha. Idlale emibili yokuhlungela ama-Olympic neTanzania ngoFebhuwari, yanqoba ngo 3-0 ekhaya nango 1-0 ekuhambeni.
Itholane phezulu neNigeria emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela ama-Olympic ngo-Ephreli lapho ikhale khona ngaphansi ngo 1-0 ekuhambeni, umlenze wesibili waphela zibambene ngo 0-0.
U-Ellis uthe balisebenzise ngendlela efanele leli windi lemidlalo yamazwe ngamazwe ngokubhekana nelinye lamaqembu athuthukayo e-Afrika, futhi bakwazi nokuhlola abanye abadlali.
“Uhambo lube yimpumelelo ngenxa yohlobo lweqembu ebesiluhlanganisile. Yize sinqobe kanye kodwa nomdlalo wokuqala besingawunqoba,” uqhube kanje u-Ellis.
“Lokho kusho lukhulu ngokuqina kweqembu lethu. Imiphumela emihle ibalulekile kodwa besingabhekile lokho kuphela. Okusemqoka bekungukukhuphula izinga lokuzethemba kubadlali nokuqinisekisa ukuthi asithembeli kubadlali abafanayo njalo.”
Uma iBanyana igcina ingalitholanga ithuba lokuvikela isicoco seWomen’s Africa Cup of Nations kulo nyaka izobe isibheka imidlalo elandelayo ezohlanganisa neyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2027.
Iwindi elilandelayo lemidlalo yamazwe ngamazwe ebholeni labesifazane lizoba ngo-Okthoba 21 kuya ku-30, elinye libe ngoNovemba 25 kuya kuDisemba 3.