UWOTHA ubomvu umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ocasulwe iqembu likaNjabulo Blom lase-United States of America (USA), iSt Louis City ngokungaphumi nempendulo ecacile ngesimo salo mdlali obizelwe kuleli qembu lesizwe elinemidlalo emqoka.
NgoLwesine kwaSABC eGoli, uBroos umemezele isikwati sabadlali abangu-23 azobhekana ngabo neLiberia kwemibili ka-Group K kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon), ezokuba ngonyaka ozayo e-Ivory Coast.
IBafana izoqala ngokwamukela iLiberia ngoMashi 24 e-Orlando Stadium ngaphambi kokuyobhekana nayo eMonrovia ngoMashi 28.
Lo mqeqeshi ongathuli nento emcikayo, utshele izwe lonke ukuthi ucasukile ngomdlalo angawuqondi asola ukuthi udlalwa yiqembu likaBlom iSt Louis edlala kwiMajor League Soccer (MLS).
“Amahora ambalwa alandelayo yiwona azongicacisela ngokuthi kwenzekani ngoBlom,” uphendule kanje uBroos ebuzwa ngalo mdlali.
“UBlom udlale kwemibili yokuqala efika kodwa lo odlule akawudlalanga, okusiphoqe ukuthi sithinte iqembu lakhe ngoba sifuna ukuthola isizathu.
“Impendulo esiyitholile ayizange icace kwagcina ngokuthi kuthiwe uyagula. Uma sibuza ukuthi uphethwe yini, asizange siyithole impendulo okulandelwe ukuthi sithinte yena uBlom uqobo, ” kusho uBroos.
Uthe uyagula futhi ucabanga ukuthi uphethwe i-Covid 19 okulandelwe ukuthi sithi kuyena akayoyihlolela ukuze ezoba nesiqqiniseko.
Uqhubeke ngokuthi kusukela ngoLwesibili baikhuluma indaba kaBlom kodwa manje uLwesine basalinde impendulo.
Uveze ukuthi ngoLwesithathu ntambama bathole umbiko obubazisa ukuthi ithimba labaqeqeshi nelodokotela beSt Louis banomhlangano badingida indaba kaBlom.
“Namanje sisalinde impendulo ngokuthi umdlali uyeza noma akezi. Ngicasukile ngoba lokhu okwenziwa iSt Louis akukho emthethweni, bahlulwa yini ukusiqonda basitshele iqiniso, sishintshe uma kufanele.
“Uma izinto zingacaci kanje, uze ufikelwe nayimicabango ngezinto mhlawumbe ezingekho. Ngibonile nokho ukuthi iqembu likaBlom liyadlala ngesonto elizayo.
“Okuxakayo ngalokhu ukuthi neqembu likaBongokuhle Hlongwane iMinnesota United iyadlala kodwa yena akukho nkinga ngaye.
“Ngibona sengathi bazama amaqhinga okungamdedeli uBlom okuzoba inkinga-ke nokho ngoba imithetho yebhola siyayazi,” kuqhuba uBross.
Uthe uma engagcina engafikanga futhi kungekho sizathu esicacile, ngeke abadlalele ngelizayo ngoba bazobaceba kwiFifa ngoba iyamcasula lento.
Isikwati seBafana Bafana:
Onozinti: Ronwen Williams. Veli Mothwa, Ricardo Goss.
Emuva: Nyiko Mobbie, Innocent Maela, Nkosinathi Sibisi, Thapelo Morena, Maphosa Modiba, Grant Kekana, Mothobi Mvala, Siyanda Xulu.
Esiswini: Luke le Roux, Njabulo Blom, Sphephelo Sithole, Teboho Mokoena.
Abagadli: Monnapule Saleng, Themba Zwane, Zakhele Lepasa, Cassius Mailula, Mihlali Mayambela, Bongokuhle Hlongwane, Lyle Foster noPercy Tau.