UMQEQESHI obebanjiswe iBafana Bafana kwiHollywodbets Cosafa Cup eqede kuyona endaweni yesithathu, uMorena Ramoreboli, ukholwa wukuthi ithuba yena nabadlali bakhe abalivulelwe yiSouth African Football Association (Safa), balisebenzise ngendlela ezobavunisa izithelo ngokuzayo.
IBafana kaRamoreboli ilale isithathu ngokunqoba kwiMalawi ngo 5-3 sekukhahlelwa amaphenathi ngeSonto, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Kule nkundla yilapho iZambia enqobe kwiLesotho ngo 1-0 kowamanqamu, yaqukula khona isicoco sayo sesikhombisa salo mqhudelwano.
Lo mqeqeshi wompetha baseBotswana, iJwaneng Galaxy, uzwakalise injabulo ngethuba lokuzibonakalisa abalinikwe yiSafa.
“Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi ikusasa lebhola laseNingizimu Afrika liqhakazile ngenxa yokuzinikela esikubone kulo mqhudelwano,” kusho uRamoreboli kwiSupersport.
“Sonke ebesinikwe yiSafa lo msebenzi siwenze ngokuzikhandla nangokwazi ubumqoka bokubhebhezelisa ifulegi lezwe ngendlela eya phambili.
“Ngihlabeke umxhwele ngendlela laba badlali ebenginikwe bona abebeziphethe ngayo enkundleni nangaphandle kwayo futhi ngiyakholelwa ekutheni kukhulu abasengakwenzela ibhola lakuleli.
“Ngijabule ukuthi sinqobile kwiMalawi, salala isithathu kodwa kuyangithobisa ukwazi ukuthi iSafa isinike ithuba lokuziveza salisebenzisa ngendlela ngokubona kwami.”
URamoreboli ubechazekile ngabadlali bakhe kodwa uchome uphaphe lwegwalagwala unozinti osemncane waMaZulu FC, u-Olwethu Mzimela.
“Lisezandleni ezikahle ikusasa lonozinti baseNingizimu Afrika, uma abafana abancane abanjengoMzimela bekhombisa ukuzethemba okumangalisayo ekubeni isimo sinzima.
“Ngaphandle kwezikhawu eziningi lapho esilamulele khona, kube wuyena lo nozinti osabise umdlali weMalawi, nangempela wahluleka ukulibeka enethini (kumaphenathi). Kuyamangalisa ukubona abafana abancane bekhombisa ukuqonda izimo ezindala kunabo.
“Ngiyaziqhenya ngengikwenzile nabadlali bami yize besingathanda ukuwinela abalandeli abebelokhu besiseke njalo kusukela umqhudelwano uqala, kwaze kwaba uyaphela.”
URamoreboli usezobuyela eBotswana kwazise welule inkontileka yakhe neJwaneng ngaphambi kokuqala kweCosafa.
Nakule sizini lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika uzobe esesigqokweni kwiCaf Champions League emva kokunqoba isicoco seligi bemiswe kabi yiGaborone United.