UMDLALI ogijima ophondweni lwesokudla nokaputeni kwiLamontville Golden Arrows, uNduduzo "Sulumane" Sibiya, uthi balindele umdlalo onzima kuMaZulu FC kowomkhaya. Kepha wathi, bawafuna ephelele amaphuzu emdlalweni weDStv Premiership, okulindeleke kusiphuke izidindi kuwona.
IGolden Arrows izotholana phezulu naMaZulu kowomkhaya baseThekwini, namhlanje ngo-3 ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Womabili amaqembu ayizimbangi ezinkulu alwela okufanayo okuwukuzibekisela indawo kwiTop 8, njengoba i-Arrows isendaweni yesishiyagalolunye kwi-log ngamaphuzu angu-34, kanti AmaZulu asendaweni ka-11 ngamaphuzu angu-33 emidlalweni elinganayo, engu-28.
“Silindele umdlalo onzima kuMaZulu ngoba kade bagcina ukusidla, kanti nathi asifuni basidle ngoba ukusidla kwabo kuzobenza babe ngaphezulu kwethu kwi-log, okuyinto esingafuni yenzeke,” kusho uSibiya.
Ngomzuliswano wokuqala i-Arrows yadla umhlanganiso kowomkhaya inqoba ngo 1-0, nokwenza kulindeleke ukuba kusiphuke izidindi kowanamuhla.
USibiya uqhube wathi ukuba khona kwamaqembu amahlanu esifundazweni kwenza yonke imidlalo yomkhaya ibenzima.
“Yonke imidlalo esiyidlalayo namaqembu alapha eKZN yimidlalo yomkhaya. Okuyimidlalo okunzima ukuthola amaphuzu kuyona, ukwedlula ngisho imidlalo yasekuhambeni imbala ngenxa yokuthi alikho iqembu elizithambisayo uma libhekene nelinye kweyomkhaya,” kuqhuba uSibiya.
UVusumuzi Vilakazi noMabhuti Khenyeza, abaqeqesha leli qembu ngokubambisana, babhekene nenselelo yokugeza igilo usihlalo weqembu, uMato Madlala, ngokulifaka kwiTop 8 njengoba le sizini esisongwa kungeyokuqala bethathe izintambo zokuqeqesha ngokugcwele.
AmaZulu eza kulo mdlalo nje, kuthe gidi izibindi kulandela ukubuya namaphuzu amane emidlalweni emibili yakamuva eshaya iSekhukhune United ngo 2-0, okulandelwe wukudlala ngokulingana kuthule umoya ngo 2-2 neMamelodi Sundowns.
Kubukeka izinto zithembisa oSuthwini emidlalweni emine kusukela izintambo zibanjwe ngu-Ayanda Dlamini, njengebamba mqeqeshi kuze kuphele le sizini. Ukunqoba lapha kubukeka kungase kumcubuzele amagabade kubaphathi nabalandeli baleli qembu.
USuthu luzodlala umdlalo wokugcina ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ozayo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kanti Abafana Bes’thende badlale owokuvala isizini neChippa United ngoMqibelo ozayo eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.