UMQEQESHII weLamontville Golden Arrows, uMabhuti Khenyeza, uthi ukushintsha indlela yokwenza izinto, yikho okuwukhiye ekwenzeni kahle kweqembu njengamanje selokhu kuqale le sizini.
I-Arrows isinqobe imidlalo emine kweyisikhombisa esayidlalile kule sizini ka-2023/24 yeDStv Premiership, lokho okuyibeka endaweni yesibili kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-14, ngemuva kweMamelodi Sundowns esaqhwakele ngawu-21.
Isefomini enhle kulezi zinsuku, iqongise ingcindezi kwiCape Town Spurs, iyishayela ekhaya ngo 2-1.
“Kubalulekile ukuqoqa amaphuzu ngokushesha, kusenesikhathi. Isizini edlule ibe nzima kakhulu kithina, sikwazile ukuphunyuka ezembeni ngemidlalo emithathu yokugcina,” kuchaza uKhenyeza.
Lo mqeqeshi uthi isimo ababhekane naso ngesizini edlule yiso esiholele ekutheni bashintshe indlela yokwenza izinto eqenjini.
“Kunezinto eziningi esizishintshile ikakhulu ekulungiseleleni imidlalo. Sashintsha nesitayela sokudlala ngoba akufanele sibe yiqembu elidlalela ukubukwa kuphela kodwa ingabonakali imiphumela egculisayo.
“Yingakho ngenkathi sisayina abadlali, sibone kufanele sithathe abagadli abaqatha nabade, esikhundleni sokusebenzisa abagadli abafishane, abasheshayo, njengoba besenza kula masizini edlule. Ngenxa yokuthi ibhola liyashintsha emhlabeni wonke, nathi sibe sesibona kufanele sishintshe indlela esenza ngayo.”
Ukuhlehliswa komdlalo wabo ne-Orlando Pirates obekufanele ube ngo-Okthoba 1, kusho ukuthi Abafana Bes’thende sebeyobuyela enkundleni ngo-Okthoba 5, ngokubhekana ne-Orlando Pirates.