UBONA inselelo efanayo ngobunzima kwiDStv Diski Challenge neDStv Premiership, uJaphet Zwane.
UZwane ungumqeqeshi we-Arrows kwiDiski Challenge kanti ungomunye wabaqeqeshi abasha kulesi sigaba kule sizini ka-2022/2023. Ungene endaweni kaSibongiseni Cele okhonjwe indlela emuva kwesizini ecija Abafana Bes'thende.
Ngaphansi kukaZwane owayegijima kubona Abafana Bes’thende nakuMaZulu FC sebeqoqe amaphuzu amane emidlalweni emithathu. Baqale kabi bethola isibhaxu kuMaZulu emdlalweni wokuvula eMlaza.
Nokho bavuke bazithintitha, babuya namaphuzu agcwele kwiMamelodi Sundowns. Ngempelasonto edlule, i-Arrows idlale ngokulingana neMarumo Gallants.
"Iligi yeDiski Challenge inzima. Iyafana neyePremiership. Awukwazi ukuya enkundleni uzitshela ukuthi iqembu elithize uyolehlula. Wonke amaqembu asebenza kanzima ukuze afinyelele lapho ekhona. Noma yiliphi iqembu lingehlula noma yiliphi. Okwethu nje wukubhekana nomdlalo ngamunye, silwele ukuthola amaphuzu amathathu sidlulele phambili. Uma sesiqoqe kahle amaphuzu sizoqala ukuzibekela indawo esifuna ukuqeda kuyona. Okwamanje sibhekana nomdlalo ophambi kwethu," kusho uZwane.
I-Arrows izobhekana nomakhelwane iRoyal AM emdlalweni weligi eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibelo ngo-10 ekuseni. IRoyal AM iphuma esibhaxwini esithole kuMaZulu ngempelasonto edlule. Ihlulwe okokuqala kule sizini.
Iningi lamaqembu aqale kahle isizini, ashaya ngabadlali abekade edlala ngabo nangesizini edlule.
"Yileyo ke inkinga enginayo yokuthi sidlala namaqembu angashintshanga lutho kubadlali nakubaqeqeshi. Lapha iningi labadlali bethu liyafika, okuningi abakubonayo abakujwayele. Kodwa ke ngokuhamba kwesikhathi bazojwayela. Kuzoba wumdlalo onzima neRoyal AM. Okubalulekile wukungena enkundleni silwele amaphuzu amathathu," kusho uZwane.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
NgoMgqibelo - Ngo-10am: Chippa United v Stellenbosch (Wolfson Park); Golden Arrows v Royal AM (Sugar Ray Xulu Stadium); Sekhukhune United v Mamelodi Sundowns (Dobsonville Stadium).
Ngo-12.30pm: Marumo Gallants v Kaizer Chiefs (Dobsonville Stadium).
NgeSonto - Ngo-10am: Maritzburg United v Cape Town City (Harry Gwala Stadium); SuperSport United v TS Galaxy (Dobsonville Stadium).
Ngo-12.30pm: AmaZulu v Richards Bay (King Zwelithini Stadium); Swallows v Orlando Pirates (Dobsonville Stadium).